Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ukuvulwa komzuliswano ka-Group A eNdebeni yoMhlaba ye-Fifa kuphothulwe ngesikhathi i-Senegal engompetha be-Afcon ihlulwa ngamagoli amabili eqandeni, kodwa abahlulwanga ngaphandle kokulwa.
Ngesikhathi semizuzu engu-84 ngaphandle kwesihlabani sabo uSadio Mané obekhishwe kulo mqhudelwano, i-Senegal ka-Aliou Cisse ibibukeka ifuna ukuhlula iqembu elibekwe endaweni yesishiyagalombili emhlabeni.
Ompetha base-Afrika bacishe bawuwina lo mdlalo bebhekene ne-Netherlands futhi nemizamo yabo ibibonakala nakuba behlulekile ukushaya igoli bedlula isayidi likaVirgil Van Dijk.
UFrenkie de Jong ngobuchule ubengumdlali wamaDutch ongcono kakhulu enkundleni kanti umdlali we-Barcelona uCody Gakpo naye udlale kahle.
Osesithombeni esingenhla nguDavy Klaassen