Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ngemuva kokusula njengomqeqeshi we-Belgium kulandela ukuphuma kwayo kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa World Cup, uRoberto Martinez useqokwe njengomqeqeshi omusha we-Portugal.
Lo mqeqeshi wase-Spain uzovala isikhala sikaFernando Santos njengo mqeqeshi we-Portugal ngenkontileka ezodonsa iminyaka emithathu nesigamu kuze kuphele indebe yomhlaba ka-2026.
USantos wasiza uCristiano Ronaldo kanye nezwe ukuthi banqobe i-Euro 2016, kodwa wadedelwa ngemuva kokuhlulwa i-Morocco e-Qatar.
Ngesikhathi efika uMartinez ukhulume ngokushesha mayelana nokuba khona kwesihlabani uRonaldo eqenjini lase-Portugal: “Izinqumo kufanele zithathwe enkundleni. Angiyena umqeqeshi othatha izinqumo ngamawala. Ngifuna ukuhlangana nawo wonke umuntu futhi kusukela namuhla ngifuna ukukhuluma nokwazi bonke abadlali,” usho kanje kwi-EuroSport.
“UCristiano uyingxenye yalolo hlu. Uchithe iminyaka engu-19 eqenjini lesizwe futhi ufanelwe ukuhlonishwa. Ngakho-ke kulele kimi ukwenza uhlu olungcono kakhulu lwe-European Championship. Kusasa sizoqala ukusebenza sazane nabo bonke abadlali futhi uCristiano ungomunye wabo.”
“Sizoqala uhlelo lwebhola ukuzama ukujwayelana nabo bonke abadlali abangase babe ingxenye yalokhu kuqokwa. Sizonika bonke abadlali ithuba futhi sihloniphe bonke asebevele beqokiwe.”
Isithombe esingenhla: URoberto Martinez
Umthombo wesithombe: @B24PT