Lubhalwe nguMichael Madyira
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosé Riveiro, uvumile ukuthi unolwazi oluncane ngezimbangi zabo i-Crystal Lake ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo we-Nedbank Cup Round of 32.
AmaBhakabhaka azovakashela leli qembu elidlala esigabeni sesithathu e-Mbombela Stadium – okuyizitha abatshelwe ngazo ekuqaleni kwaleli sonto kulandela isinqumo se-Safa.
I-Crystal Lake ibe ngabanqobi ngemuva komadlalo wayo ne-Middleburg United ebingazibekile phansi kodwa i-Crystal Lake yanqoba ngo 1-0.
Ngokusekelwe emzabalazweni wesizini edlule namaqembu adlala esigabeni esiphansi ngaphambi kokugxumela enkundleni nompetha, uRiveiro akazithathi kancane lezi mbangi.
“Ulwazi esinalo ngabo luncane kakhulu,” etshela abezindaba.
“Kumele sizilungiselele izimo ezehlukene. Kuhlukile kulokho ebesibhekane nakho ngesonto eledlule sidlala neMamelodi Sundowns.”
Uthe iqembu lizozilungiselela njengoba lihlale lenza.
“Sizowuthathela phezulu lo mdlalo ngoba sibe nesipiliyoni ngesizini edlule sidlala nezimbangi ezidlala esigabeni esiphansi njenge-Dondol Stars, i-All Stars ne-Venda Football Club. Bekungelula neze kithina.”
Usomaqhinga walezi zinkunzi zase-Soweto akanalo uvalo olungako ngokubhekana ne-Crystal Lake futhi ufuna abadlali bakhe basebenzise umfutho abawukhombise ngesikhathi bebambana ngo 1-1 neSundowns ngempelasonto edlule.
“Siyazi kahle ukuthi inhloso yethu iyini futhi sizolwa ngendlela esalwa ngayo sidlala neSundowns,” kusho uRiveiro.
“Uma singazimiseli sizohlulwa. Umlando ugcwele lolu hlobo lwemidlalo futhi uma ucabanga ukuthi konke kwenziwe ngomumo ngaphambi kokuthi umdlalo uqale, yisona simo esinzima kakhulu kwezemidlalo.”
Amazwi kaRiveiro ayizinkomba zokuthi angase afake isikwati esiqinile ngemuva kokuphuthelwa ukudlalisa abadlali abafana noZakhele Lepasa, uThabang Monare noRichard Ofori ngempelasonto edlule.
Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosé Riveiro bebhekene neMamelodi Sundowns.
Umthombo wesithombe: Orlando Pirates