IPirates isezithendeni zeDowns: Khanye

Lubhalwe nguMichael Madyira

Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uJunior Khanye akaqinisekile ngamakhono omqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro kodwa unikeza Ezimnyama ithuba lokuphonsela inselelo iMamelodi Sundowns.

ISundowns ijabule kakhulu ngokubusa ebholeni lasekhaya futhi njengoba ihlezi esicongweni iphethe izicoco eziyisithupha ze-Premier Soccer League.

Nakuba uKhanye echitha iqembu lakhe lakudala iChiefs, unomuzwa wokuthi kumele kugadwe iqembu eliseduze neSundowns njengoba lisayina abadlali abaseqophelweni eliphezulu.

“IPirates iyiqembu lesibili ku-PSL ngemuva kwe-Sundowns uma siqhathanisa abadlali,” kusho uKhanye etshela i-Scrolla. Africa.

“Inkinga enginayo ngabo ukuthi ngesizini edlule basayinise abadlali ngaphambi kokuqasha umqeqeshi. Lokho akwenzi umqondo ophusile.

“Kodwa ngiyamncoma umqeqeshi wabo ngoba ukwazile ukungena ezicathulweni ngokushesha kanti nabo abadlali ngiyabancoma ngokuzimisela kwabo. IPirates bekuyiqembu lesibili ngemuva kweSundowns ngokusayinisa abadlali abasezingeni eliphezulu.”

Njengoba uRiveiro kunguyena othatha izinqumo kwiPirates ngesikhathi sewindi lokudayiselana ngabadlali ebusika usesayine abadlali abane abasha.

Umdlali wasesiswini ogadlayo uPatrick Maswanganyi usefikile kuleli qembu esuka kuSuperSport United kanti kwengezwe ngowayengunozinti weTS Galaxy, uMelusi Buthelezi.

IPirates iphinde yalanda umdlali wasesayidini uSephelo Baloni weCape Town All Stars noKatlego Otladisa owayegijima kuMarumo Gallants.

Abadlali abahlanu uNtsako Makhubela, uCraig Martin, uNkanyiso Zungu, uKopano Thuntsane, noNdumiso Mabena bakhululiwe eqenjini. 

Ngemuva koshintsho uRiveiro afike nalo ngesizini encomekayo yokuqala ku-PSL, uKhanye nokho akakagculiseki ngokuphelele ngalomqeqeshi wase-Spain.

“Ngangimngabaza uJose Riveiro. Namanje ngisamngabaza angikabi nesiqiniseko ngaye,” kwengeza lo owayedlalela iChiefs.

Isithombe esingenhla: Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ehola abadlali bakhe ngesikhathi bezilolonga

Umthombo wesithombe: I-Orlando Pirates

Izihloko zakamuva