Lubhalwe nguMichael Madyira
Ngemuva kwamasonto okuqagela i-Orlando Pirates isiqinisekise ukuthi isayine umgadli waphesheya uSouaibou Marou wase-Cameroon.
AmaBhakabhaka asephothulile ukusayinisa umdlali osuka ku-Cotonsport Garoua.
Lezi zinkunzi zase-Soweto kubikwa ukuthi ziphushele eceleni amaqembu ase-Germany nase-France ukuze zisayine uMarou, ojoyine iPirates ngenkontileka ezohlala kuze kube unyaka ka-2025.
“Umdlali oneminyaka engu-22 uMarou uza kuleli ngemuva kweminyaka emithathu neqembu lakhe lakudala i-Cotonsport, lapho anqoba khona izicoco ezimbili zeligi okuhlanganisa nendondo yokuba umdlali ohamba phambili wesizini nyakenye,” kumemezela iPirates esitatimendeni.
Umqeqeshi wePirates, uJosé Riveiro ubedonsa kanzima ukuthola umgadli osezingeni eliphezulu yize enabadlali abaningi abadlala phambili.
URiveiro unethemba lokuthi uzosithola isixazululo kuMarou ofike kuleli ebekwe endaweni ephezulu ngemuva kokuba eNdebeni yoMhlaba ye-Fifa nyakenye.
“Ifomu yakhe kuligi yase-Cameroon ayizange ibonakale,” kusho iPirates.
“Lo mdlali wase-Cameroon oqede lesi sivumelwano neqembu ngoLwesithathu ntambama uzojoyina ozakwabo abasha namhlanje ekuseni.”
UMarou uzobe ebanga indawo yokuqala nabadlali abafana noZakhele Lepasa, uKermit Erasmus, uTerrence Dzvukamanja, u-Evidence Makgopa, uNdumiso Mabena, uVincent Pule noKabelo Dlamini.
Ungumgadli wesibili wase-Cameroon kuPirates ngemuva kukaBienvenu Eva Nga.
Nokho-ke, u-Eva Nga akasamthandisisi uRiveiro kanti ubelokhu egconwa ngabalandeli bamaBhakabhaka njalo uma engena enkundleni.
Ngemuva kokuthi uKwame Peprah ebolekiswe kuMaritzburg United, uMarou uvale isikhala esivulwe yilo mdlali wase-Ghana.
UMarou uqale ukuzilolonga ngoLwesine kanti akwaziwa noma uzoqokwa yini uma lezi zinkunzi zase-Soweto zibhekana neStellenbosch ngeSonto.
Isithombe esingenhla: USouaibou Marou osayine kwi-Orlando Pirates
Umthombo wesithombe: Orlando Pirates