IPirates ikhuphukele endaweni yesibili kwiPremier League 

Lubhalwe nguMichael Madyira

I-Orlando Pirates isiwine imidlalo eyisithupha ilandelana ye-Premier Soccer League yaphinde yabuyela endaweni yesibili ngemuva kokuguqisa iTS Galaxy ngo 2-1 ngeSonto enkundleni yezemidlalo i-Mbombela.

IPirates ishaye igoli kuqala ngemuva kwemizuzu emibili umdlalo uqalile ngebhola likaTerrence Dzvukamanja alishaye ngekhanda ngaphambi kokuthi osokhaya balinganise ngegoli elishaywe ukaputeni weqembu uGiven Msimango sekusele imizuzu eyisithupha kuyiwe ekhefini.

UDeon Hotto ube esetholela iPirates amaphuzu aphelele ngegoli lomzuzu ka-58 ukusiza leli qembu lase-Soweto ukuthi lisuse iSuperSport endaweni yesibili.

Njengoba kusele imidlalo emithathu yeligi namaphuzu ayisishiyagalolunye, umphumela wangeSonto ububalulekile emizamweni yePirates yokuhlungela i-CAF Champions League ngesizini ezayo.

Kube nzima ukuphuma kosokhaya abasasengcupheni yokugawulwa izembe ngamaphuzu ayisithupha ukudlula iMaritzburg United esemsileni.

Ukaputeni wePirates, u-Innocent Maela ubengekho kodwa akuzange kumkhathaze kakhulu umqeqeshi uJose Riveiro ofake uTapelo Xoki obemisiwe.

ITS Galaxy iqhubekile nokudlala ngaphandle komdlali wayo ovelele uDjakaridja Traore futhi bekubonakala ukuthi akekho.

Kuthathe imizuzu emibili nje ukuthi iPirates ihole phambili ngegoli elimangasayo likaDzvukamanja alishaye ngekhanda ngebhola likaKabelo Dlamini kwaba igoli lakhe lesithupha leligi kule sizini.

Ukuhola phambili akuzange kuvimbe iqembu laseSoweto njengoba beqhubekile  nokufakela osokhaya ingcindezi abagcine bengena endaweni yesithathu emsileni.

Ngesikhathi sekuyoshaya ihora umdlali wasemuva weTS Galaxy uKamogelo Sebelebele wenze umsebenzi omuhle kodwa uye wavinjwa uNkosinathi Sibisi.

Osokhaya babe sebephendula ngesikhathi uMsimango ekhahlelela ibhola phezulu elishaya ekhoneni likaLindokuhle Mbatha umdlalo waya ekhefini.

UDzvukamanja ucishe washayela iPirates elinye igoli esiwombeni sesibili kodwa ibhola lakhe livinjwe unozinti weTS Galaxy uMelusi Buthelezi.

UHotto ube eseshayela iPirates igoli lesibili ngekhanda ngebhola alinikwe uSibisi.

Kodwa uMarks Munyai kanye no-Orebotse Mongae bafakele unozinti wePirates uSipho Chaine ingcindezi enkulu ngamashodi anamandla ngesikhathi iGallants ifuna igoli lokulinganisa.

Ngesikhathi umdlalo uphela uMonnapoule Saleng ubebhekene eyedwa noButhelezi kodwa akazange aphumelele ukushaya igoli.

Esithombeni esingenhla: Umdlali wasemuva weTS Galaxy uGiven Msimango ebhekene nomgadli we-Orlando Pirates uTerrence Dzvukamanja

Umthombo wesithombe: PSL

Izihloko zakamuva