IPirates idinga ukusayinisa abadlali abasezingeni: Inkakha

Lubhalwe nguMichael Madyira

Owayengumdlali wasemuva wePirates neBafana u-Edward Motale ukholelwa ekutheni amathuba Ezimnyama okuphumelela kowe-CAF Champions League azoncika kubadlali ebasayinisayo.

“Uma uya e-Afrika udinga ukuhlanganisa abadlali abanamava,” kusho owayenguKaputeni wePirates owawina i-Champions League ngo-1995 etshela i-Scrolla.Africa.

“Kumele bathole abadlali abaningi ikakhulukazi onozinti kanye nabadlali abadlala phambili,” kusho uMotale.

“Khumbula bazodlala kwi-Champions League nasebholeni lasekhaya ngesikhathi esisodwa.”

Uthe uma bengenawo amandla anele bazobhekana nenkinga enkulu.

“Ukulimala nokumiswa kwabadlali kungaba inkinga,” esho.

Leli qembu lase-Soweto libuyela kwi-Champions League ngemuva kokuqeda umqhudelwano we-Premier Soccer League ngesizini edlule lisendaweni yesibili ngemuva kompetha iMamelodi Sundowns.

Yize iqembu likaJose Riveiro lukhombise ukuthuthuka okuthile ngekota edlule, uMotale usakholelwa ekutheni kuningi okudingekayo.

Ngesizini edlule iPirates isayinise abadlali abasha abangenzanga umehluko omkhulu eqenjini ikakhulukazi abadlali abadlala phambili abafana noNdumiso Mabena, u-Evidence Makgopa, uBienvenu Eva Nga, uCraig Martins noSouaibou Marou.

UMotale unomuzwa wokuthi ifomu ikhona eqenjini lamanje lePirates.

“Bashoda ngento encane ukuze babe nefomu enhle ngokuphelele,” esho.

IPirates imataniswa noMelusi Buthelezi obengunozinti weTS Galaxy kanye nabadlali ababili beMarumo Gallants ongumdlali wasesiswini uKatlego Otladisa nomgadli uRanga Chivaviro.

Kubikwa ukuthi obengumdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns u-Andile Jali naye usendleleni eya kuleli qembu lase-Soweto.

Esithombeni esingenhla: Abadlali be-Orlando Pirates 

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva