Linda Ximba
I-Orlando Pirates isizenzele impilo yaba nzima ngemuva kokudlala ngokulingana ekhaya ngo 1-1 neRaja Casablanca ebivakashile kowe-CAF Confederation Cup emlenzeni wamanqamu womlenze wokuqala ngeSonto.
Ngokuhluleka ukunqoba ekhaya, iPirates njengamanje isibhekene nobunzima obukhulu bokuhlula iRaja uma sebebhekene emlenzeni wesibili esikhathini samasonto amabili azayo e-Morocco.
Iqembu lasekhaya liye kulo mdlalo ngemuva kokuvela kabi ngesikhathi bedlala ngokulingana okungenamagoli ekuhambeni neStellenbosch FC.
Umqeqeshi wePirates uJosef Zinnbauer wenze izinguquko ohlwini lwabadlali emdlalweni wangeSonto, eqalisa abadlali abafana noBongani Sam, uNtsikelelo Nyauza, uBen Motshwari, uVincent Pule noFortune Makaringe.
Kusukela ekuqaleni, amaBhakabhaka akhombisile ukuthi afuna ukungcwaba izivakashi ngokuhlasela kukaWayde Jooste noDeon Hotto ngesikhathi behlasela kakhulu kusaqalwa.
UHotto ucishe wanika iqembu lasekhaya ukuhola kodwa ishodi lakhe ebeligudla uhlangothini lishaye ipali lika-Anas Zniti.
IPirates ithole imivuzo yayo elungile ngesikhathi uPule ebambelela ephasini kulandela ukungavikeli kahle emizuzwini emihlanu ngaphambi kwekhefu.
IGreen Eagles njengoba yaziwa ngeRaja, izamile ukubuya ngokushesha ngemuva kwekhefu kodwa uThulani Hlatshwayo noNyauza bavikele unozinti wabo, uWyane Sandilands kahle kakhulu.
Babanjwe onyaweni ngomzuzu wama-60 ngesikhathi uNyauza enza iphutha ngekhanda kwathi umgadli uBen Malango waxhuma ngaphakathi ebhokisini walinganisa amaphuzu.
Izivakashi zidlaliswe kabi ngunompempe njengoba isandla somdlali weRaja uNyauza sithinte ibhola ngaphakathi ebhokisini, kodwa waqhubeka nokudlalisa umdlalo.
Lo mqeqeshi weBucs ubadlalise bonke abadlali bakhe abayisihlanu kodwa igoli lesibili belibonakala lingafiki. Phakathi kwalabo abebengenile kubalwa uThembinkosi Lorch, osekuphele inyanga enyamalele enkundleni.
IPirates ibe nethuba lokuhola umdlalo kodwa umzamo kaMapaseka Mako ubhuntshiswe nguZniti, kanti iRaja ibambelele kwaze kwaba kukhala impempe yokugcina.
Umthombo wesithombe: @orlandopirates