Iphuthunyiswe esibhedlela imeya ixinwe ukugula

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

IMeya kaMasipala waseGoli uKabelo Gwamanda uphuthunyiswe esibhedlela ngoLwesithathu.

Ngemuva kwamasonto amaningi engasebenzi ngaphandle kwencazelo ecacile, iMeya yethule inkulumo yayo yedolobha (Soca) ngoLwesibili maqede yaphuma ngokuphuthuma ngaphandle kokuya esithangamini sabezindaba ebesihleliwe.

NgoLwesithathu ekuseni ufike emkhandlwini ezozwa ukuthi i-ActionSA ifake isicelo sokungabethembi ubuholi bakhe.

Emasontweni okuqala kwamane ephethe, iMeya yasolwa ngokuba nohlelo lwe-burial Society oludla izimali zabantu abampofu.

IMeya yehlulekile ukuphendula lezi zinsolo ngesikhathi amaqembu aphikisayo ethi anobunye ubufakazi babantu okungenzeka ukuthi baqolwe uhlelo lwayo.

Ngaphambi kwalokho, i-CV efakwe kuMasipala waseGoli yakhombisa ukuthi iMeya ayifundile.

Iqembu lakhe i-Al Jama-ah lithe uGwamanda wayeka isikole ngemuva kwebanga lesishiyagalombili, kodwa wabuye esezothola isitifiketi sikamatikuletsheni.

Okhulumela uGwamanda, uMlimandlela Ndamase utshele abezindaba ukuthi iMeya igule ngaphambi kokuthi yethulei-Soca kodwa yaqhubeka yize ibilulekwe udokotela ukuthi ingakwenzi lokho.

UMnu Kenny Kunene we-Patriotic Alliance ophinde abe ilungu lekomidi leMeya yezokuThutha, uthe uGwamanda kusolwa ukuthi udle ukudla okungahambisani naye.

“IMeya iyitholile imithi, yayiphuza yazitshela ukuthi isingcono. Yingakho eye emkhandlwini ecabanga ukuthi uzokwazi ukuhlala nokuphendula yonke imibuzo.

“Nokho isimo sakhe sibe sibi kakhulu, wavuvukala yingakho kuze kwadingeka ukuthi umhlangano womkhandluuhlehliswe ngoba uSotswebhu ubone kuwubuwula ukuhlalisa iMeya ekubeni bebona ayiphilile,” esho kwi-Newzroom Afrika.

UKunene uthe umkhandlu ohlehlise umhlangano (Soca), hhayi iMeya.

Umholi we-ActionSA eGoli uMnu Funzi Ngobeni uthe basezingxoxweni namaqembu aphikisayo okuhlanganisa ne-DA ukuze bakhe kabusha umfelandawonye wabo bese beseka abafuna ukuthi uGwamanda akhishwe esikhundleni.

Izihloko zakamuva