Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni
UFumani ongowokuzalwa eLimpopo uthi usebenzisa amacansi akhiwe ngotshani wesiTsonga ukuze agcine isiko lakhe futhi axoxe indaba yakhe.
Ubuciko bakhe obuhlukile bumsuse eGiyani bamyisa emibukisweni yomhlaba wonke ezindaweni ezifana ne-Hong Kong ne-Switzerland.
UFumani Maluleke oyiciko elivela e-Limpopo, uthola ukunakwa umhlaba wonke ngokwenza into ehlukile ucansi olwakhiwe ngotshani okuyisintu sesiTsonga.
Ngokungafani namanye amaciko asebenzisa izinto ezivamile, uFumani upenda ucansi akhule lukhona. Leli ciko elineminyaka engu-34 ubudala lathola lo mbono ngephutha ngesikhathi upende uchithekela kucansi esebenza. Lowo mzuzu washintsha yonke into.
“Ngabuyela ekhaya ngacela ugogo ukuthi enze amacansi amaningi. Kungaleso sikhathi lapho angitshela khona ukuthi ngazalelwa ocansini. Ngavele ngawuthanda nakakhulu,” esho.
UFumani wakhulela eThomo Village ngaphandle kwaseGiyani, lapho uthando lwakhe lobuciko lwaqala khona esemncane. Uthando lwakhe lwakhula ngesikhathi efunda e-Hanyani Thomo Secondary School, lapho aqokwa khona njengomfundi ongcono kakhulu we-Creative Art ngesikhathi efunda umatikuletsheni ngo-2012.
Ngemva kokuqeda isikole, wabhalisa ku-Artist Proof Studio e-Newtown kodwa wangaqeda. Kamuva waphothula izifundo zobuciko e-Tshwane North College. UFumani ube esebuyela ekhaya eyofundisa ubuciko eGiyani ngaphambi kokuthatha isinqumo sokubuyela eGoli ukuze agxile emsebenzini wakhe ngokugcwele.
Umbukiso wakhe wamanje, onesihloko esithi, Tsalwa, the materiality of stories, ukhonjiswa e-Unisa Art Gallery ePitoli kuze kube umhlaka-23 kuNhlaba. NgoLwesihlanu ngomhlaka-16 kuNhlaba, o-professor, amaciko kanye nosaziwayo bazobe bexoxa ngomsebenzi wakhe.

Ngenyanga edlule, uFumani uyena yedwa umuntu omnyama owayekhangisa ehholo i-Art Central e-Hong Kong, futhi uthi impendulo ibe yinhle kakhulu. Manje ulungiselela imibukiso eyengeziwe e-Singapore, e-Italy, e-Switzerland nase-France kulo nyaka nangolandelayo.
UFumani unethemba lokuthi uzophinde abuyele ekhaya ekugcineni afundise intsha eningi ngobuciko bakhe.
“Kuyinkundla enkulu ukuba kuyo,” esho.
Esithombeni esingenhla: UFumani Maluleke egqoke ucansi olwakhiwe ngotshani.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe