Iphupho likaMaitse lokuba ngumshayeli wezindiza libukeka limfiliba

Kabelo Tlhabanelo

Ngesikhathi enikezwa ithuba lokufundela ubudokotela, uMaitse Mosikili wathi cha, ngiyabonga.

UMaitse oneminyaka engama-20, wase-Qwa-Qwa, e-Free State wayekade efuna ukuba ngumshayeli wezindiza, futhi wabonga kakhulu ngesikhathi ihhovisi likaNdunankulu wase-Free State limnika umfundaze.

Kodwa uhlelo lukaMaitse lubukeka sengathi luzoshayeka ngoba ihhovisi likaNdunankulu seliyekile ukukhokha imali yakhe, futhi basola i-Covid-19 ngalokho.

Umama wakhe, uKate Molefe, uthe wethuka kabi ngesikhathi isikole sezindiza simshayela ucingo simbikela ukuthi imali yendodana yakhe kufanele ikhokhwe ngoba ihhovisi likaNdunankulu seliyekile.

UMaitse uthe udinga enye imali engaphezulu kwezi-R62,000 ukuze aqedele izifundo ezizomenza athole ilayisensi yokushayela eyimfihlo kanye nama-R400,000 engeziwe okukhokhela ilayisense lokundiza ngokuhweba.

“Uma uhulumeni engakhokhi njengoba ethembisile, ngizolahlekelwa,” esho.

Uthe isikole sakhe, i-Westline Aviation, sesithumele ama-imeyili ehhovisi likaNdunankulu bebazisa ngezimali ezisilele.

“Uma ngingayitholi imali ngesikhathi, izifundo zami zizomiswa. Lokho kusho ukuthi kumele ngiqale phansi futhi,” kusho yena.

Unina uthe uke waya nakumashonisa kodwa akakwazi ukuthola lolo hlobo lwemali.

“Indodana yami ibilokhu ifuna ukuba ngumshayeli wezindiza. Enye inyuvesi ithe yambiza ukuba afike ezofundela ubudokotela ngenxa yamamaki akhe amahle, kodwa wenqaba – wakhetha ukulandela amaphupho akhe,” etshela i-Scrolla.Africa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Free State, uJabulane Kumalo uthe ukukhokhelwa kwesikole sezindiza kumile ngenxa yokuvalwa kwamahhovisi ephindelela ngonyaka odlule.

Amahhovisi avalwa ngemuva kokutholakala kwabatheleleka nge-Covid-19 phakathi kwabasebenzi ezikhathini eziningi.

Izihloko zakamuva