Iphupho lika-Abbas Karimi okhubazekile lifezekile ngemuva kokubaleka ezweni azalelwa kulo lase-Afghanistan

Dylan Bettencourt

Ngesikhathi uAbbas Karimi ebaleka ezweni azalelwe kulo lase-Afghanistan eya eMelika eminyakeni eyi-8 wathola injongo – endaweni yokubhukuda.

Lo msubathi okhubazekile oqhamuka e-Afganistan wazalwa engenazo izandla, kodwa noma wayengenazo izandla wathola inkululeko yakhe nokuvikeleka kwakhe endaweni yokubhukuda.

Umsubathi oneminyaka engama-24 unethalente elimangazayo njengoba akhula ehlupheka, kodwa wagcina esengungqa phambili ekunqobeni imijaho.

Impi enkulu enesihluku yenza uKarimi ukuba ahambe ezweni akhulela kulo e-Afghanistan ngemuva kokunqoba umcintiswano kazwelonke wokubhukuda eneminyaka eyi-16.

Uhambo lukaKarimi lokuya eMelika laqala ngesikhathi efaka isicelo ku-Facebook, laphinde lamuyisa ezintabeni zase-Turkey nasezindaweni zokukhempa ezine ezahlukene.

“Ngesikhathi ngishiya izwe lase-Afghanistan, Ngahamba nephupho lami lokuba umpetha emidlalweni yabantu abakhubazekile. Kwakumele ngibe sendaweni lapho ngizozizwa ngiphephile khona ngiqhubeka nokuziqeqesha”, ukhulume lokhu kwingxoxo ebeyenziwa ku-Zoom ekuqaleni kwalenyanga.

Lo othanda ukubhukuda ubezimisele ngokuqhubeka enze akuthandayo. Ugibele ibhasi waya endaweni yokubhukuda enabantu ukuze aziqeqeshe.

UKarimi ungomunye kwabayisithupha aqhudelana nabo kumncintiswano we-Refugee paralympic team aphinde ahole iqembu kumbukiso wesizwe, njengomunye obekulabo abebephethe amaflegi ngoLwesibili ebusuku.

Lo msubathi obhukudayo kuzoba nguyena yedwa oqhamuka e-Afghanistan kumcintiswano wase-Tokyo, njengoba abasubathi ababili bengakwazanga ukuphuma endaweni yase-Kabul.

Abasubathi ababili bavalelekile ezweni labo ngenxa yezinkinga, kanti nathi siyiqembu labantu abangama-50 abakhishwa e-Kabul safakwa kwindiza eyayiqonde e-Australia. Abahleli bemidlalo yangowezi-2020 yabantu abakhubazekile abakaqinisekisi ukuba abasubathi bazokwazi yini ukufika e-Tokyo.

Isifiso sikaKarimi ukuwina indondo nokunikeza abantu emhlabeni wonke ugqozu.

“Angiyi nje lapha ukuyoqhudelana kuphela. Ngiyakuzonda ukuhlulwa, uma ngabe nginqoba ngizokwenza abokufika abagcwele umhlaba wonke ukuba bajabule kakhulu etshela i-Paralympic.org.

Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes

Izihloko zakamuva