Iphupho lifezekile ngokufika kuma-olympics: umsubathi

Dylan Bettencourt

Omele i-Afrika okuyena yedwa  wesifazane e-Beijing, uMilitiana Clerc, uthe ukuba khona kuma-olympics  asebusika kufana nokunqoba kuye.

Lo msubathi we-slalom skier uthe uzizwa ephumelele ngenxa wacishe wathatha umhlalaphansi kulo mdlalo.

UClerc wayefuna ukuwushiya lo mdlalo ngemuva kokuba aphule amathambo akhe abizwa nge-tibia ne-fibula ngesikhathi eqhudelana ngoMasingana ngonyaka odlule. Lokhu kwamenza waphuma kwezemidlalo cishe unyaka ka-2021 wonke. 

Lo wesifazane oneminyaka engu-22 ubudala wase-Madagascar uqede endaweni ka-41 ngesikhathi edlala i-giant slalom futhi waqeda endaweni ka-43 kwi-slalom kodwa ugcizelele ukuthi uyazigqaja ngendlela adlale ngayo.

“Kufanele ngiziqhenye. Indawo enhle le kumina, ngoba kade ngilimele, ngakho-ke angibanga naso isikhathi esiningi sokuqeqesha nokwenza imijaho ethile nokulungiselela ama-olimpiki,” uClerc etshela i-BBC Sport Africa.

“Bengingazi ukuthi bengifuna ngempela yini ukuqhubeka noku-Skier e-alpine,” kusho lo msubathi.

Kodwa-ke, kwakungumoya wama-olimpiki kanye nomlingo wemidlalo okwenza umsubathi abuyele ekudlaleni, alungiselele ukuqhudelana e-Beijing.

“Kodwa bengifuna ngempela ukuya kuma-olimpiki ngiphinde ngigijime. Bengihlezi ngizitshela ukuthi lokhu ngingakwenza – bengicabanga ngakho nsuku zonke futhi ngifisa ukungena kulo mqhudelwano, futhi sengilapha,” kusho uClerc.

Lo msubathi wase-Malagasy ubengomunye wabadlali abayisithupha base-Afrika abebemele amazwe amahlanu aqhamuka kuleli zwekazi emdlalweni esanda kuphothulwa. Lokhu bekuwukuvela kwesibili kukaClerc kumqhudelwano wama-olimpiki asebusika.

UClerc watholwa umndeni wase-France wahamba wayohlala ezweni lase-Europe futhi njengoba i-Madagascar iyindawo eshisayo, ukuziqeqeshela imidlalo yasebusika kwakungeke kwenzeke. 

Nokuhlala e-France isikhathi esiningi sempilo yakhe, uClerc wayehlala efuna ukumela i-Madagascar futhi wakwenza lokho, waba umsubathi omncane kunabo bonke kuma-olimpiki omele izwe lakhe eneminyaka engu-16 ubudala.

“Ngifuna ukukhuthaza abantu abaningi base-Afrika ikakhulukazi bonke abantu besifazane abamnyama. Ngifuna balandele amaphupho abo futhi uma benethuba lokwenza ezemidlalo noma okuthile, balithathe futhi balijabulele lelo thuba,” kusho lo msubathi.

Umthombo wesithombe: @NewAfricanMagazine

Izihloko zakamuva