Iphupho leBafana ngeNdebe yoMhlaba lingafezeka

Kungenzeka ukuthi bakhishiwe ku-Afcon, kodwa iBafana Bafana ikhombisile ukuthi ingangena kwi-Fifa World Cup elandelayo, kusho uMichael Madyira.

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos kungenzeka ukuthi akazange ahole iqembu lakhe ekunqobeni i-Africa Cup of Nations (Afcon) njengoba ayethembisile, kodwa uzuze izinhliziyo zabantu bakuleli ngokudlala kahle kweqembu.

UBroos ufike e-Ivory Coast neqembu ebelibukeka liphakathi nendawo, lishiye abalandeli bedumele njengoba belizabalaza ukuthola ifomu yalo.

Kodwa iBafana ifinyelele kowandulela owamanqamu ku-Afcon okokuqala kusukela ngo-2000 yaphusha i-Nigeria kwaze kwaba ngu 1-1 nokuphoqe ukuthi ama-Super Eagles anqobe sekukhahlelwa amaphenathi ngo 4-2 ukuze adlulele kowamanqamu.

Endleleni eya kowandulela owamanqamu, elakuleli lishaye i-Namibia ngo 4-0, lakhungathekisa i-Tunisia lakhipha i-Morocco — iqembu elihamba phambili e-Afrika.

Bavale ababagxekayo imilomo, okuhlanganisa nami ngeqembu elakhiwe ikakhulukazi ngabadlali basekhaya be-Premier Soccer League (PSL).

Muncane kakhulu umehluko obonakale ezingeni labadlali beBafana be-Premier Soccer League kanye nenqwaba yezihlabani zase-Nigeria ezizinze e-Europe, okuhlanganisa nalezo ezigijima ku-Premier League.

Ukuphuma ku-Afcon okukhuthazayo kuza ngesikhathi esibucayi – njengoba abadlali bakaBroos bebedinga okuthile ukuze baqinise ukuzethemba ngaphambi kokuthi kuqale kabusha imidlalo yokuhlungela i-Fifa World Cup yango-2026.

Eqenjini ebelijwayele ukugxekwa kakhulu, ukufinyelela kowandulela owamanqamu we-Afcon kukhuthaza ukukholwa kwalo ukuthi lingakwazi ukungena kwiNdebe yoMhlaba.

IBafana izibeke endaweni enhle ngokwenza kahle e-Ivory Coast ukuze ingene eqoqweni lalo mqhudelwano elihlanganisa iMelika, i-Mexico kanye ne-Canada.

UBroos usethembise ukuqondisa iqembu ukuthi libuyele emqhudelwaneni webhola lomhlaba lapho elagcina khona ukwenza kahle ngo-2002 futhi lagcina ukuba osokhaya ngo-2010.

Yize ike yabhekana nobunzima bokuhlulwa emdlalweni wayo wesibili wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngesikhathi ibhekane ne-Rwanda, iBafana isenethuba elihle lokunqoba.

Kuyathakazelisa ukuthi i-Nigeria nayo iku-Group C kanti la maqembu womabili azotholana phezulu ngoNhlangulana futhi ama-Super Eagles azobe engosokhaya.

Uma elakuleli ligcina noma lenza ngcono isimo salo ku-Afcon, kungenzeka ukuthi lingakwazi ukungena kwiNdebe yoMhlaba.

Esithombeni esingenhla: Abadlali beBafana Bafana bebungaza igoli likaTeboho Mokoena bebhekene ne-Nigeria.

Umthombo wesithombe: Bafana Bafana

Izihloko zakamuva