Lungani Zungu
Ngesikhathi etshela abanye abafundi ayefunda nabo esikoleni samabanga aphezulu ngephupho lakhe lokuba ngumshayeli wezindiza, bamhleka.
Kodwa lokho akuzange kumvimbe uSanele Mkhize ekusabalaliseni izimpiko zakhe.
UMkhize wayevakashele i-Dundee Airshow ngesikhathi esafunda amabanga aphezulu waqala lapho ukuba nothanda lwezindiza.
“Ngazitshela ukuthi ngelinye ilanga ngizoba umshayeli wezindiza,” kusho yena.
Iphupho lakhe lafezeka ngonyaka wezi-2019 ngesikhathi lo mfana oneminyaka engama-22 wase-Dundee KwaZulu-Natali ethola iLayisensi yakhe ye-Commercial Pilot’s License.
“Abantu abaningi babecabanga ukuthi ngiyasangana. Abanye bangihleka uma ngibatshela ngephupho lami.
“Ukungasekwa ngokugcwele ngumndeni wami kungikhuthazile ukuthi ngikwazi ukufinyelela ezinhlosweni zami ngoba ngifuna ukubakhombisa ukuthi ngingafeza noma yini, inqobo nje uma ngisebenza kanzima.”
UMkhize ukhulele eSibongile, wafunda Emphathi Combined School waphinde wafunda nase-Thalana High School, ezikoleni zangakubo.
“Ukukhula kwami elokishini laseSibongile kwakwenza kube nzima ukuzicabanga ngiwumshayeli wezindiza.
“Ngaqala ngacwaninga ngezindiza. Ngiphothule umatikuletsheni ngowezi-2015 ngase ngiqala ukulandela iphupho lami.”
UMkhize waya ehhovisi likaNdunankulu waseKZN efuna umfundaze futhi isicelo sakhe savunywa ngemuva kokuhlangabezana nazo zonke izidingo, ezibandakanya nokuphasa umatikuletsheni ngamalengiso.
Ufunde iminyaka emithathu e-Durban Aviation Centre.
UMkhize ukhuthaza abantu abanamaphupho ukuthi bangaphazanyiswa yilokho okushiwo abanye abantu.
“Uma ngikwazi ukukwenza, yini engavimba umuntu olandelayo ukuthi akwenze?”