Iphume ngesamagundane iMeya yase-Afghanistan

Arthur Greene

UZarifa Ghafari ungowesifazane wokuqala wase-Afghanistan oneminyaka engama-26 ukuthola isikhundla sokuba imeya – ukuphumelela kwakhe kucishe kwashabalalisa impilo yakhe.

Uphoqeleke ukuba aphume ngesamagundane ezweni lakhe ngemuva kokuba iqembu le-Taliban lithatha amandla okubusa izwe lase-Afghanistan, lokho kwafaka umsebenzi wakhe engcupheni kanye nempilo yakhe.

“Ukuwa kwendawo yase-Kabul mhla ziyi-15 kuNcwaba kwaba wusuku olubuhlungu kimi engingakaze ngicabange ukuba liyoke lifike,” etshela i-BBC kwingxoxo.

Usheshe wazibonela ukuthi kuzokwenzekani ngaye nabantu abahlala e-Afghanistan.

Ngesikhathi kuphethe i-Taliban ngonyaka wezi-1996-2001, amalungelo nenkululeko yabantu besifazane ayecindezeliwe.

Ukungena kukaGhafari njengemeya edolobheni lase-Maidan Shar ngowezi-2018 kwafika kahle ngoba babesezinhlelweni zokuthuthukisa amalungelo abantu besifazane.

Njengoba ewumuntu omela abantu besifazane aphinde azikhulumele, usabile ukuthi iqembu le-Taliban lizombona njengomuntu oyingozi.

“Iphimbo lami linamandla futhi liyezwakala lidlula ngisho isibhamu uqobo lwaso” kusho uGhafari.

Lokho abekusaba kwenzekile ngemuva kokuba iqembu le-Taliban litheleke emzini wakhe lashaya unogada.

Uzame imoto ezomkhipha yena nomndeni wakhe e-Kabul. Ucashe lapho okubekwa khona izinyawo emotweni futhi ubehlezi ehlisa ikhanda uma bedlula ezindaweni lapho kugade khona amasosha eqembu le-Taliban.

“Ngesikhathi sifika esangweni lesikhumulo sezindiza amasosha e-Taliban abegcwele yonke indawo kusho uGhafari.

Inxusa lase-Turkey lisize uGhafari nomndeni wakhe ukungena kwindiza eya e-Istanbul, yaphinde yasuke khona yaya eJalimane.

Usezosebenza nosopolitiki nabaholi bomhlaba ukuze aqhakaze emazweni angaphandle aphinde aqhakaze kubantu abahlala e-Afghanistan abaphila phansi komthetho weqembu elibusayo i-Taliban.

Kodwa wenze isifungo sokuthi uzobuyela e-Afghanistan ngelinye lamalanga.

“Izwe lami leli – ngize ngaphumelela ngikulo. Ngizikhandle iminyaka eminingi ukufika la engikhona namhlanje” kusho uGhafari.

Uthe uthathe isihlabathi esincane wabaleka.

“Ngiyafisa ukusibuyisela lapho siqhamuka khona”.

Izihloko zakamuva