Iphoyisa  nentshisekelo yokudlala igalofu

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Umseshi uCharlotte Tsuketana akagcini ngokuphenya amacala obugebengu kuphela kodwa uphinde angene enkundleni yegalofu.

Eminyakeni eyisithupha edlule, uphenduke omunye wabadlali begalofu besifazane abahamba phambili e-Limpopo.

Uhambo lwakhe lwegalofu lugqugquzelwe nguzakwabo wangaphambilini, uNorman Mathebula wasesiteshini samaphoyisa eNkowankowa owamkhuthaza ukuthi ajoyine ithimba legalofu lakwa-Saps. Kuqale kwaba nzima kuleli phoyisa elineminyaka engu-46 ubudala, elisebenzela e-Dorset Saps.

“Ngaleso sikhathi bengingazi ukuthi ngizodlala kanjani kodwa ngavuma ukufunda,” etshela i-Scrolla.Africa.

“UMathebula waqala ngokungifundisa izinto eziyisisekelo, ukubamba induku yegalofu, ukugqoka igilavu ngesandla nokuthi izinombolo zamakilabhu zisho ukuthini.”

UTshuketana uthe kumthathe isikhathi ukuwubamba lo mdlalo.

“Ngabona amanye amalungu eqembu lami eshaya ibhola kude, elami lahlala eduze kodwa noma kunjalo ngawuthanda lo mdlalo futhi manje usuyingxenye yami. Ungigcina ngiphilile futhi kungiqeda ingcindezi,” engeza.

Useke wamela iqembu lakhe emiqhudelwaneni emine kazwelonke futhi njengomuntu oyedwa usenqobe inqwaba yezindondo.

NgoMasingana ubeyingxenye yeqembu eliwinile ku-B-Division of the Golf Tournament obukhona ngosuku lukazwelonke lwamaphoyisa e-Polokwane.

Lo mdlalo ubuzosiza ukuqongelela imali futhi ukwazile ukuqoqa u-R3 million esikhwameni se-South African Police Service Education Trust (Sapset) Fund, esisetshenziswa uphiko lwezemali ukuze kufundiswe izingane zamalungu angasekho.

Ngenxa yalokhu uthole izitifiketi nemiklomelo kuNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele nakuKhomishana wamaPhoyisa, uFannie Masemola kanti njengamanje uziqeqeshela kanzima i-Limpopo Gold Championships ezoba ngoNdasa e-Euphoria Golf Estate.

UTshuketana ungunkosikazi nomama wamantombazane amabili kanti uthi ubengeke akwazi ukuphumelela kulokhu akwenzayo ngaphandle kokusekelwa umndeni wakhe.

Ukhuthaza abanye besifazane ukuthi bajoyine lo mdlalo futhi ugxeka umbono wokuthi igalofu ngeyabesilisa kuphela.

Osesithombeni esingenhla: Umseshi uCharlotte Tsuketana ethwebule isithombe noNgqongqoshe uBheki Cele

Umthombo wesithombe: Charlotte Tsuketana

Izihloko zakamuva