Iphoyisa lomgwaqo litholane phezulu nephoyisa lomthetho

Kabelo Tlhabanelo

Ufakazi ozibonele uthi iphoyisa lomgwaqo lixwayise elinye iphoyisa ukuthi lipaka ngokungemthetho, kodwa layishaya indiva isexwayiso.

Manje umseshi wase-Selosesha e-Free State usabisa umnyango wamaphoyisa omgwaqo ngecala, ngemuva kokubathola bematasa bethatha imoto yakhe yamaphoyisa beyibopha.

Leli phoyisa kusolakala ukuthi belipake imoto yombuso engamakiwe ngendlela yokuthi belivimba ukuhamba kwezimoto kuCharlotte Maxeke Road enkabeni yedolobha i-Bloemfontein ngoLwesihlanu.

Ngesikhathi ephuma ukyokwenza umsebenzi wakhe, ubone i-Nissan NP300 engenalo uphawu ilayishwa phezu kweloli lase-Mangaung ukuze iboshwe.

Abakwa-Scrolla.Africa babone iphoyisa ebelikhuluma nomuntu ebelimubiza ngoColonel ocingweni.

Uthe, uzomangalela umnyango wezomgwaqo.

Iphoyisa lomgwaqo lithe: “Leli phoyisa lisebenzela umthetho, kodwa yena akasiwona umthetho. Manje uzobona ukuthi uzobuyela kanjani la asebenzela khona njengoba kuqhele ngamakhilomitha angama-70.”

Uma imoto iboshiwe kubiza imali eyi-R1,400 ukuyidedela. Kukhona imali ekhokhwayo eyi-R100 njalo ngosuku yokuthi imoto igciniwe.

Iphoyisa lizophinde libhekane nenhlawulo yomgwaqo yemali engama-R750 ngokupaka kabi.

UFakazi Thabang Seekoe uthe: “Ngimbonile exwayiswa yiphoyisa ebeligqoke umfaniswano, kodwa waliziba. Kubukeka sengathi umthetho ukhokhisa umthetho. Kodwa iphoyisa lomgwaqo liyinqobile impi kwathi iphoyisa lomthetho lahlulwa.”

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele ukuqinisekisile ukuthi imoto eyakwa-SAPS.

“Kuzokwenziwa uphenyo lomnyango. Imoto isekhona e-Mangaung Metro Law Enforcement.”

Amavidiyo nezithombe ezitshengisa imoto yakwa-SAPS iboshwe yimoto yase-Mangaung ngemuva kokubanjwa ipake kabi.

UMTHOMBO: Kabelo Tlhabanelo

Izihloko zakamuva