Kabelo Tlhabanelo
UMasithela Phandliwe oyiphoyisa lomgwaqo, elingafuni ukubona izingozi ezibangelwa ukumakwa kabi komgwaqo, ukhethe ukuphosa esivivaneni ngokukhipha imali yakhe wathenga upende.
UMasithela, wase-Bloemfontein, uthenge upende ophuzi kanye nomhlophe obiza izi-R3,800 – enzela abasebenzi bakaMasipala wase-Mangaung ukuthi bawusebenzise njengoba belungisa uDkt Belcher Road ngesikhathi yena elawula isiminyaminya sezimoto.
Ngesikhathi inkampani yamabhasi yendawo izwa ukuthi iphoyisa lithenge upende, bakujabulele lokho, nabo basiza ukuxhasa ngopende owengeziwe.
Osebenza kamasipala uthe, sekuphele iminyaka engaphezu kwemibili bengenawo upende emgwaqeni.
“Umasipala wethu uyazi ukuthi besingenawo upende wokuvuselela omaka bomgwaqo kodwa ukuthengwa kwempahla okube yinkinga,” kusho yena.
“Sithokozile ukuthi umphathi wamaphoyisa uPhandliwe uthathe isinqumo sokukhipha imali yakhe ukuze athenge upende.”
USam Nthako ongusomatekisi osehlawuliswe kaningi nguPhandliwe, kodwa manje usengumlandeli wakhe.
“Uke wangibamba ngeqa ilambu elibomvu ngikhuluma nocingo ngibe ngishayela waphinde futhi wangibamba ngilayishe ngokweqile,” kusho uSam.
“Bengingeneme ngenhlawulo kodwa manje ngijabule ngakwenzile. Ungumuntu onothando futhi ofuna ukubona izinto zisebenza.”
UMasithela Phandliwe uthe: “Ngikhethe le ndawo ngoba iyindawo eyisizinda lapho isiminyaminya senzeka khona ngesikhathi ezimatasa sokuhamba kwezimoto. Ngifuna ukubona isiminyaminya sezimoto singekho.”
Okhulumela uMasipala i-Mangaung Metro uQondile Khedama uthe bazophenya ngokushoda kopende.
Umthombo wesithombe: Kabelo Tlhabanelo