Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Iphoyisa lomgwaqo eGauteng libhekene namacala ngemuva kwengxabano eshubile namaphoyisa oMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseKurhuleni (EMPD).
Usolwa ngokusabisa, ukushaya, nokuphazamisa umsebenzi wamaphoyisa.
Kuvidiyo yemizuzu engu-10, iphoyisa lomgwaqo libonakala lithuka futhi linekela izandla iphoyisa lesifazane le-EMPD elibiza ngokuthi alifundile futhi libukeka lingahlelekile.
Uphinde wasabisa ngokuthatha izikhwama zempesheni zamaphoyisa e-EMPD into angagunyaziwe ukuyenza.
Inkinga iqale ngesikhathi amaphoyisa e-EMPD emisa umshayeli wesifazane onezinombolo zangaphandle.
Umshayeli okusolakala ukuthi ungumngani nephoyisa lomgwaqo eGauteng ulibizile ecela usizo waqala wathuka amaphoyisa e-EMPD.
USizakele Masuku, uMMC wezokuPhepha eKurhuleni, uthe: “Asikho isikhulu esingaphezu komthetho futhi ukuziphatha okunjalo akwamukelekile.”
Uthe iphoyisa like laba senkingeni phambilini.
Unamacala amabili okushaya adlule aphenywayo kanti usolwa ngokushaya abantu emigwaqeni.
Osesithombeni esingenhla: USizakele Masuku, oweMMC for Safety Ekurhuleni.
Umthombo: Thabiso Makgato/EMPD