
Kamogelo Olaitan
Iphoyisa uPatrick Kimaro uzimbele ithuna ukuze umndeni wakhe ungasokoli uma eshona.
Iphoyisa elineminyaka engu-59, lasesifundeni sase-Kilimanjaro, e-Tanzania, lithe ngesikhathi abazali balo beshona ngokulandelana ezinyangeni eziyisithupha, kwaba nzima ukubangcwaba.
“Njengoba ngilizibulo ngaba nesikhathi esinzima sokubangcwaba ngakho-ke nginqume ukuthi angeke ngidlulise izingane zami esimweni esifanayo,” kusho uKimaro etshele i-BBC Swahili.
Uthe uqale ukwakha ithuna lakhe ngoMasingana ukuze ahlenge umndeni wakhe ezindlekweni eziphezulu zomngcwabo futhi unezinhlelo zokubeka imali yebhokisi lakhe eceleni. Ukholelwa ekutheni umndeni wakhe uzokwazi ukuhlanganisa imali yezinye izindleko ngemuva kokushona kwakhe.
Uhlela ukuthathela ithuna lakhe umshwalense uma kwenzeka izinhlekelele zemvelo njengezikhukhula ezingacekela phansi ithuna lakhe.
Ukulungiswa kwethuna, kuhlanganise nokuqedwa kwalo okuhle, okubize imali elinganiselwa ku-R45,200.
Uthe umndeni wakhe awuzange uvume ekuqaleni kodwa uyasamukela isinqumo sakhe kancane kancane.
Kodwa umphakathi awunaso isiqiniseko ngalesi senzo.
Abaholi bendabuko besizwe sikaKimaro bathi ithuna akufanele limbiwe ngaphambi kokuthi ushone futhi akufanele lihlale lingenalutho isikhathi eside.
Unogada wasekhaya waleli phoyisa uthe abanye omakhelwane abasawuvakasheli lo mndeni njengoba ithuna limbiwe ngaphakathi egcekeni. Kodwa amanye amalungu omndeni wakhe aselijwayele ithuna njengoba aze ahlale eduze kwalo uma exoxa.