Iphoyisa lithele othulini indodana

Kamogelo Olaitan

Iphoyisa laseThekwini KwaZulu-Natal, kusolwa ukuthi lidubule labulala indodana yalo (10) licabanga ukuthi uyisigebengu.

Kubikwa ukuthi iphoyisa belilele ngesikhathi lizwa indodana yalo imemeza icela usizo.

Uvele wehla ezitebhisini ngokushesha wabona umuntu ongaziwa efasiteleni wabe esethatha isibhamu sakhe sombuso wadubula efasiteleni engaphakathi endlini.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker uthe amaphoyisa abizelwe emzini welinye lamalungu awo ngeSonto ekuseni.

“Ngomhlaka-19 kuNhlangulana ngo-10 ekuseni, amaphoyisa ase-Mayville abizelwe emzini ose-Manor Gardens lapho okudutshulwe khona umfanyana (10). Uphuthunyiswe esibhedlela kwathiwa ushonile ngesikhathi efika. Icala lokubulala lizophenywa ngamaphoyisa ase-Mayville,” kusho uNaicker esitatimendeni.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (i-Ipid) uLizzy Suping ukuqinisekisile ukuthi likhona icala elibhaliswe kubo kanti uphenyo lusaqhubeka.

Izihloko zakamuva