Iphoyisa lisola ozakwabo ngokulihlukumeza

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Uzithole esesimweni esibi sokuhlaselwa ngesihluku umseshi ongusayitsheni uManinjwe Welfare ngesikhathi ecela ithimba le-Special Task Force yamaphoyisa – ‘Amaberete’ asatshwayo ukuba amtshengise incwadi egunyaza ukusesha.

Kuthiwa uWelfare ubenonkosikazi wakhe kanye nendodana ewusana ngeledlule ngoMsombuluko ngesikhathi iqulu lamaphoyisa alinganiselwa kwayishumi ophiko lwamaBerete efika emzini wakhe e-Rondebult, e-Kurhuleni efuna ukuthungatha isibhamu esingekho emthethweni abathi unaso.

Njengesikhulu somthetho, wafuna ukubona incwadi egunyaza ukuseshwa kwawo kanye namakhadi okuqashwa kodwa amaphoyisa enqaba – abe esephihliza isicabha sengilazi angena ngendluzula emzini wakhe.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uWelfare ulandise ukuthi kuthe amaphoyisa esengaphakathi amfuna isibhamu.

“Ngibatshele ukuthi nami ngiyiphoyisa futhi isibhamu enginaso isibhamu somsebenzi base beqala ukungishaya ngemvubu bephindelela,” usho kanje.

“Umkami wabakhombisa ivesti lami le-SAPS elivikela izinhlamvu ukuze abaqinisekise ukuthi ngiyiphoyisa ngempela kodwa lokhu akuzange kubavimbe ukuthi bangihlasele. Elinye iphoyisa lithe nginenkani futhi mhlawumbe isisi esikhalisa unyembezi sizongenza ngiqale ukukhuluma.”

UWelfare uthe ithimba likhiphe isisi esikhalisa unyembezi, ingane yakhe enezinyanga eziyisishiyagalombili nonkosikazi besendlini.

Umseshi uthe unkosikazi wakhe ugijime waya emotweni yakhe wayothatha ikhadi lakhe lokuqashwa wafike walikhombisa amaphoyisa.

Lokhu kube sekubavimba ekumhlaseleni kodwa yize kunjalo bamfake ozankosi bamfaka kwenye yezimoto zabo ezingabhaliwe.

Ohambweni, la maphoyisa aqhubekile nokumshaya emphoqa ukuba  angawabheki emehlweni futhi angabheki nangaphandle ukuze abone ukuthi alibangisephi.

Bamyisa e-Elsburg Police Station lapho abafike bavula khona icala lokubakhomba ngesibhamu.

UWelfare uthe ufuna la maphoyisa aphendule ngesenzo sawo.

“Bebenonya futhi izenzo zabo zicishe zabulala mina nendodana yami. Ngisho namanje anginasiqiniseko ngokuphepha kwami ​​esibhedlela. Kuzokwenzakalani uma bebuya ukuzoqedela abakuqalile?”

Ngesikhathi sokuhlasela, amaphoyisa akhiphe amakhamera ezokuphepha abefakwe emzini kaWelfare athatha nomakhalekhukhwini wakhe.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate, uPhaladi Shuping ukuqinisekisile ukuthi ithimba liyaphenya ngalesi sigameko.

Esithombeni esingenhla: Umseshi uManinjwe Welfare othole ukulimala ngesikhathi eshaywa ngamaphoyisa amaBerete.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva