Dylan Bettencourt
Iphoyisa lomgwaqo KwaZulu-Natal lizame ukuqola owesifazane imali ngokumtshela ukuthi amalambu emoto yakhe “asondele kakhulu emathayini akhe.”
USandile Lloyd Nene ugwetshwe iminyaka emithathu ebhadla ejele ngokucela ukugwazelwa ngo-R800 ngemuva kokutholwa enecala lenkohlakalo iNkantolo yamacala okukhwabanisa yaseThekwini ekuqaleni kwaleli sonto.
I-National Prosecuting Authority (NPA) ithe lesi sigameko senzeka ngoNcwaba ngo-2019 ngesikhathi uNene esasebenza kuMasipala waKwaDukuza.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uNatasha Kara uthe isigameko senzeka ngesikhathi uNene ekhuluma nommangali mayelana namalambu emoto.
“Wamtshela ukuthi amalambu emoto yakhe asondele kakhulu amathayini futhi angase akhokhe inhlawulo ka-R800,” kusho okhulumela amaphoyisa esitatimendeni.
“Ube esekhipha i-disc yakhe yemoto wagodla nezincwadi zakhe zokushayela. UNene wamtshela ukuthi uma emkhokhela u-R800 ngokuqondile ngeke akhiphe inhlawulo futhi uzombuyisela i-disc yakhe kanye nezincwadi zakhe zokushayela.”
UKara uchaze ukuthi isisulu sathi sinemali engu-R200 kuphela kodwa uNene wathi uzowulinda u-R600.
“Kwabe sekucushwa ugibe uNene waboshwa ngemuva kokuthatha imali esele,” echaza.
I-NPA ikuncomile ukuboshwa nesigwebo.
“Siyethemba ukuthi lesi sigwebo siyakhombisa ukuthi akekho umuntu ongaphezu komthetho,” kusho i-NPA.
Umthombo wesithombe: @PowerFM