Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Usizi nokwesaba bekugcwele eNkantolo yeMantshi yase-Motherwell, e-Gqeberha ngoLwesithathu ngemuva kokuthi umsolwa athathe isibhamu sikaMario Nel osebenza enkantolo amdubule ekhanda.
Echaza ngokubulawa kwaleli phoyisa okhulumela amaphoyisa kazwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe imibiko yokuqala ikhomba ukuthi umsolwa ungene ebhilidini lenkantolo ngabo-9.20 ekuseni.
“Ube esephuca ilungu lamaphoyisa isibhamu walidubula ngesibhamu salo sombuso ngaphambi kokuthi abaleke ngezinyawo.”
Ngesikhathi amaphoyisa esacubungula indawo yesigameko amanye amaphoyisa amaningana aphuthume ezimotweni zawo.
Okungenani izimoto ezinhlanu ziphume ngesivinini endaweni yokupaka yasenkantolo ngesikhathi kufika omunye umbiko wokuthi amanye amaphoyisa adutshulwe emigwaqeni eqhele kancane kunasenkantolo.
Kuthiwa amalungu ophiko lwe-Anti-Gang Unit (AGU) abezulazula eduzane alunywe indlebe umshayeli wetekisi ukuthi umsolwa ubesetekisini yakhe ngokukhanyisa amalambu ngaphambi kokuthi amise itekisi eduze kwesigxobo.
Ngokusho kukaMathe umsolwa udubule kanye amalungu e-AGU aphindisela.
“Umsolwa uvele wavulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni nawo aphindisela ngenhlamvu.
“Umsolwa uthole amanxeba okudutshulwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela egadwe ngamaphoyisa,” kusho uMathe.
Ngokusho kokhulumela lesi sifundazwe uBrigadier Tembinkosi Kinana uthe abagibeli abebesetekisini ngaleso sikhathi baphume bengenamyocu.
Uthe isibhamu sephoyisa elishonile sitholwe endaweni yesigameko kuSisulu Street.
Umgwaqo lapho okwenzeke khona lesi sigameko ubugcwele izinto ezincane ezikhombisa izingebhezi zezinhlamvu ezingenalutho ezisale ngemuva kokudubulana.
Ozakwabo bakaNel bamchaze njengendoda ebiziphethe kahle ebithanda ukwenza amahlaya nokuhleka nozakwabo.
“Ubehlezi egqoke izibuko zelanga eziluhlaza okwesibhakabhaka kanti besilokhu sihleka futhi sincokola njengazo zonke izinsuku. Ubengumuntu olungile ongakwazi ukukhuluma naye,” kusho uzakwabo.
UMathe uthe uNel ubeseneminyaka engu-16 eyiphoyisa.
Umfowabo kaNel, uLuzaan uthe umndeni awukakakulungeli ukuphawula okwamanje.
Esithombeni esingenhla: Izimoto zamaphoyisa ngaphandle kwemigaqo yenkantolo yeMantshi yase-Motherwell
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe