Iphoyisa lidubule uzakwabo kweyokucima ukoma

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Obebukela uthwebule isigameko esisabekayo sephoyisa lidubula elinye iphoyisa ngaphandle kwendawo yobumnandi e-Braamfontein ekuseni ngoMsombuluko.

Amaphoyisa amabili ambandakanyekayo, iphoyisa lomnyango wamaphoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD) kanye nephoyisa lakwa-South African Police Service (SAPS) kanti womabili lamaphoyisa ebengekho emsebenzini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Le vidiyo ethusayo ivele ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwamahora nje kwenzeke lesi sigameko. Lesi siqeshana sibonisa isisulu sigqoke okumhlophe ngenhla futhi siphethe isibhamu sihilizisana ngamagama nomsolwa endaweni yokupaka izimoto endaweni yokucima ukoma.

Isisulu sibonakala sizama ukukhipha umsolwa emotweni. Ngemuva kwesikhashana ividiyo ivele yaba mnyama kwase kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu. Emva kokuzwakala kwesibhamu, kubonakala iphoyisa ebeligqoke okumhlophe selilele phansi lishonile, sekugcwele negazi.

Okhulumela abakwa-JMPD uXolani Fihla usiqinisekisile lesi sigameko wathi siphenywa uphiko oluphenya amacala enziwe amaphoyisa Independent Police Investigative Directorate (Ipid).

“Siyazi ngalesi sigameko kodwa ngeke sikwazi ukuphawula ngoba iphoyisa belingekho emsebenzini. Udaba lusingethwe abakwa-Ipid ukuze baphenye,” kusho uFihla.

Khonamanjalo, abakwa-Ipid bakuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala ngemuva kokudutshulwa kwelungu lamaphoyisa kaMasipala waseGoli iphoyisa lakwa-SAPS.

Okhulumela abakwa-Ipid uRobbie Raburabu uthe bayazi ngalesi sigameko kanti uphenyo lwabo luyaqhubeka.

URaburabu uthe okwamanje akekho oboshiwe wathi uphenyo lusaqhubeka.

Esithombeni esingenhla: Ividiyo yamaphoyisa

Izihloko zakamuva