Iphoyisa lidubule unkosikazi walo esibhedlela

Everson Luhanga

Lihamba ngonyanyavu lwemoto yohlobo lwe-Golf GTI efakwe amalambu ahlaza iphoyisa lingene emagcekeni esibhedlela sase-Tembisa lapaka phambi kwamahhovisi lapho izisulu zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane ezibika khona amacala azo.

Ngemuva kwemizuzu, kwazwakala ukuqhuma  kwesibhamu kuyo yonke indawo.

Umsolwa, ongu-constable esifundeni sase-Ekurhuleni North kusolwa ukuthi udubule wabulala owesifazane, wabe esezidubula naye. Umhlengikazi obesemsebenzini, okukholakala ukuthi unkosikazi wakhe, ushonele endaweni yesigameko.

Iphoyisa, elizidubule ekhanda, liphuthunyiswe esibhedlela i-Milpark MediClinic ngendiza lapho elilashwa khona kanti lisesimeni esibucayi.

Isibhedlela sase-Tembisa sivale iminyango yaso okwesikhashana ngoLwesithathu sacela umphakathi ukuthi usebenzise ezinye izikhungo zokunakekelwa kwempilo.

Esitatimendeni uMotalatale Modiba, oyiNhloko yezokuXhumana eMnyangweni wezeMpilo eGoli usiqinisekisile lesi sigameko.

“Okwamanje isibhedlela sisavaliwe kulandela isigameko sokudubula esishiye iziguli nabasebenzi bethukile,” kusho uModiba.

“Iziguli ezingeniswe kulesi sibhedlela njengamanje zisaqhubeka nokuthola usizo. Umphakathi uzokwaziswa uma lesi esibhedlela sesivuliwe ngokuhamba kwesikhathi namuhla”.

UModiba uthe bekusanda kushaya ihora lesi-8 ekuseni, ngesikhathi iphoyisa elineminyaka engu-30 ubudala lingena esibhedlela lishayela imoto yombuso lipaka endaweni yokupaka izimoto zoMnyango Wezimo Eziphuthumayo.

“Lo mlisa ufonele unkosikazi wakhe oneminyaka engu-30 obesemsebenzini ukuthi eze endaweni yokupaka izimoto. Ngesikhathi efika iphoyisa livulele ngenhlamvu libhekise kumhlengikazi obhalisiwe laqede lazidubula nalo,” engeza.

“Ngebhadi umhlengikazi ushonele endaweni yesigameko kanti iphoyisa njengamanje lisesimeni esibucayi”.

“Ubejabule esidansela ngoLwesibili. Ungitshele ukuthi ngiyamgqugquzela uma ngigqoke isiketi sami esiwumfaniswano,” kusho uzakwabo ongathandanga ukudalulwa ebalisa ngobudlelwano bakhe nalo mhlengikazi obulewe.

Obesebenza naye uthe lo mhlengikazi ubefana nodadewabo kuye.

“Besabelana ngakho konke ndawonye. Besengineminyaka emihlanu ngimazi. Ubeyikho konke kimi”.

“Wangitshela ukuthi indoda yakhe inesikhwele futhi inolaka,” kusho uzakwabo.

Uthe cishe umufi nephoyisa bebeneminyaka emine bethandana futhi banengane eyodwa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uBrigadier Brenda Muridili uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Izihloko zakamuva