Iphoyisa libulawelwe imali yomshwalense

Lungani Zungu

Sekunomunye umkhonyovu wokubulalela imali yomshwalense.

Kodwa kulokhu isisulu iphoyisa.

Futhi kuza ngemuva kwezinsukwana uRosemary Ndlovu, oteketiswa ngelikaKillsurance Queen, etholwe enecala lokubulala abantu abahlanu ngoba efuna ukukhokhelwa imali yomshwalense.

UMnu Sibusiso Mbonambi, obeyiphoyisa eselathatha umhlalaphansi, kuthiwa ubulawelwe imali yomshwalense. Umndeni wakhe uthole ukuthi omunye wabasolwa abane ecaleni lakhe uyisihlobo sabo.

UMbonambi udutshulwe washona, isidumbu sakhe saphoswa esigangeni esigodini saseMakhasaneni e-Melmoth KwaZulu-Natali.

Isidumbu sakhe sitholwe ngeSonto sinenxeba lokudutshulwa kwisingenhla somzimba wakhe.

“Siphatheke kabi singumndeni ukuthi abantu, okubalwa kubo nelungu lomndeni wethu, benze itulo lokubulala umuntu ngoba befuna imali. Iyanyanyisa le nto,” kusho umfowabo, uMusa Mbonambi.

Abasolwa ngeke badalulwe amagama njengoba bengakasifaki isicelo enkantolo.

UMusa Mbonambi uthe ufuna abasolwa babolele ejele.

“Sinethemba lokuthi bazotholakala benecala futhi bavalelwe ejele isikhathi eside ngokubulala umfowethu”.

Uthe umndeni ubungakanqumi ukuthi umngcwabo uzoba nini.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Nqobile Gwala uthe abasolwa babanjwe ngemuva kokutholakala nemoto inegazi.

“La madoda aphekwe ngemibuzo mayelana negazi abelihlanza emotweni. Kutholakale ukuthi la madoda aqashwe ukuthi abulale uMbonambi oneminyaka engama-62 obeyiphoyisa eselathatha umhlalaphansi,” kusho uGwala.

UMbonambi ubesebenzela esiteshini samaphoyisa eShowe, lapho abesebenza khona njengo-warrant officer waze wathatha umhlalaphansi eminyakeni emibili edlule.

“Omunye wabasolwa uhlobene nomufi,” kusho uGwala.

Ngesikhathi bephenya uGwala uthe bathole ukuthi uMbonambi ubulawe ngenxa yemishwalense ebisivuthiwe.

Izihloko zakamuva