Iphoyisa liboshelwe ukusebenzisa eyombuso kabi

Everson Luhanga

Izikhulu zamaphoyisa e-Alexandra zikhathazekile ngenani lamaphoyisa asebenzisa izimoto zombuso ezintweni ezingagunyaziwe nezithandwa yibo.

NgeSonto, amaphoyisa ase-Limpopo abiziwe ukuthi azothatha imoto yamaphoyisa, afica iphoyisa lilele ngaphakathi – lidakiwe linowesifazane!

Ngemuva kokuvusa iphoyisa, amaphoyisa aphenyayo asheshe athola ukuthi uhambo olungekho emthethweni lwephoyisa eliphuze utshwala luqale e-Alexandra.

USayitsheni (36) uboshiwe wathweswa icala lokusebenzisa imoto yombuso ngaphandle kwemvume kanti uzovela enkantolo ezinsukwini ezizayo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli, uColonel Dimakatso Sello, usiqinisekisile lesi sigameko.

“Abaphathi bakwa-SAPS esifundazweni saseGoli basigxeke kakhulu isigameko sokutholakala kwelungu lesiteshi samaphoyisa e-Alexandra lidakiwe emotweni yombuso esifundazweni sase-Limpopo mhla zintathu kuNtulikazi kulo nyaka.

USello uthe uphenyo lokuqala luveze ukuthi leli lungu lisebenzise imoto yombuso ngaphandle kwemvume yokuya kwesinye isifundazwe.

Kodwa lokhu akusona isigameko sokuqala sokuthi amaphoyisa asebenzise kabi izimoto zombuso.

I-Scrolla.Africa saziswe ngamaphoyisa aphezulu esiteshini ukuthi amanye amaphoyisa abesebenzisa kabi izinsiza zombuso ukuvakashela izintombi zawo nokwenza olunye uhambo olungabandakanyi ezomthetho kanti lokhu kuholela ekutheni isiteshi sishodelwe izimoto.

Omunye umthombo utshele ithimba lethu ukuthi ngoNdasa kulo nyaka, kushiswe iveni yamaphoyisa ase-Alexandra ngesikhathi iphoyisa livakashele intombi yalo e-Soweto ngokungemthetho. Kuthiwa iphoyisa okukhulunywa ngalo bekumele lisebenze eNkantolo yase-Alexandra ngalolo suku.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi imoto ishiswe elinye isoka lentombi.

Kwesinye isigameko esenzeke ngoNhlaba iphoyisa lithathe imoto yombuso layiyisa esikhungweni samaphoyisa e-George Goch layipaka.

Ekuseni imoto ibingatholakali ndawo; kusobala ukuthi ibitshontshiwe.

“Kodwa ngalo lolo suku amaphoyisa asePitoli athola imoto nomsolwa okukholakala ukuthi uyindodana yelinye iphoyisa.

“Kuthiwa lo mshayeli ubephuzile nabangani bakhe. Uye waboshelwe ukutholakala nemoto yombuso ekubeni engelona iphoyisa.”

UColonel Sello uziqinisekise zombili lezi zigameko. “Mayelana nesigameko sangoNdasa kulo nyaka, amacala obugebengu nawomnyango abekwe leli lungu asaphenywa.

Kwesinye isigameko sangoNhlaba, leli lungu belinegunya lokusebenzisa imoto ngesikhathi yebiwa emagcekeni alo. Umsolwa uboshelwe ukweba imoto yombuso.”

UColonel Sello uthe alikho ilungu lamaphoyisa elivunyelwe ukusebenzisa budedengu noma ukuhlukumeza izinsiza zikahulumeni okuhloswe ngazo ukusiza umphakathi.

Amalungu omphakathi anxuswa ukuthi abike noma yikuphi ukusetshenziswa budedengu kwezinsiza zikahulumeni kanye nokungaziphathi kahle kwezikhulu zamaphoyisa kunoma yisiphi isiteshi samaphoyisa, kwi-Gauteng Complaints Service Centre ku-082 442 2000 noma kwi-National Service Complaints Call Centre ku-0800 333 177.

Izihloko zakamuva