Iphoyisa liboshelwe ukugwazelwa ngo-R85

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Iphoyisa elineminyaka engu-28 ubudala le-SAPS yase-Vredenburg eWestern Cape liboshiwe ngemuva kwezinsolo zokuthi licele u-R85 wokusiza isakhamuzi ebesifuna ukufaka isicelo sokuthola isitifiketi se-clearance.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uKaputeni Frederick Van Wyk, uthe inkohlakalo eyenziwa ezikhundleni zamaphoyisa ngeke ibekezelelwe ngoba ibukela phansi umthetho futhi iqeda ukwethembana phakathi kwe-SAPS nomphakathi.

UVan Wyk uthe uphiko lwe-Anti-Corruption le-SAPS luyaphenya ngalolu daba. 

UConstable uboshiwe bekumele avele eNkantolo yeMantshi yase-Vredenburg ngoLwesithathu ngomhlaka-26 kuNhlangulana, ukuze abhekane namacala.

Isitifiketi se-clearance siwumbhalo osemthethweni okhishwa ngabe-SAPS oshoyo ukuthi kukhona yini amacala obugebengu arekhodiwe kumuntu noma cha.

Isakhamuzi esingathandanga ukudalula igama laso, sithe akumangazi ukuthi kuboshwe uConstable ngoba amaphoyisa amaningi anenkohlakalo futhi ajwayele ukubalekela icala.

Yize amaphoyisa ecele umphakathi ukuthi ubike ngamaphoyisa akhohlakele, uthe akusizi.

Lesi sakhamuzi sithe: “Ukube ukubika emaphoyisiseni akhohlakele bekusebenza noma kuletha izinguquko, besingeke siqhubeke nokuba nalolu hlobo lwamacala emaphoyiseni.

UNombeko Mbeka (27) uthe amaphoyisa kumele athole izigwebo ezinzima ukwedlula abephula umthetho. 

Uthe kufanele bavikele imiphakathi, bangawuntshontsheli. 

Wengeze ngokuthi amaphoyisa akhohlakele enza ubugebengu akhombisa ukungahloniphi abantu, izwe kanye nemisebenzi yawo.

Isithombe esingenhla: Amaphoyisa. 

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva