Buziwe Nocuze
Kusukela ngosuku uSergeant Sindile Godfrey Daniels adutshulwe wabulawa ngalo esemotweni edlule, umndeni wakhe ubuwazi ukuthi ozakwabo bebengakhulumi iqiniso.
Izinsolo zabo ziqinisekiswe ngesikhathi kuboshwa owesifazane onguzakwabo kaDaniels wabekwa icala lokubulala ngoLwesibili.
UDaniels, owaba yiphoyisa ngo-2005 obesanda kushada ngesonto elandulela ukubulawa kwakhe, ubesebenza ophikweni lwamaphoyisa olulwa nezigelekeqe e-Mount Road.
UDaniels udutshulwe engaphakathi emotweni yombuso ngomhlaka-17 kuNhlangulana ngesikhathi ehamba nozakwabo endaweni ya-KwaDwesi.
Okhulumela oKlebe, uKaputeni Yolisa Mgolodela, uthe uDaniels ubeqaphile endaweni nozakwabo ababili besifazane.
Kubikwa ukuthi womathathu la maphoyisa ashiye imoto ayosesha la madoda kodwa awangathola lutho kuwo.
“Ngesikhathi besuka endaweni yesigameko, umshayeli uye waqaphela ukuthi iphoyisa ebelihleli ngemuva emotweni belingaphilile kahle. Leli liphoyisa litshele ozakwabo ukuthi aliphilile nokuthi isisu salo sibuhlungu,” kusho uMgolodela.
Kodwa-ke, ngokushesha kuye kwabacacela ukuthi yini eyenzekile ngempela.
“Babe sebebona ukuthi udutshuliwe base bemphuthumisa esibhedlela i-Mercantile nokuyilapho afike khona kwathiwa useshonile.”
Ngesikhathi sophenyo, izibhamu zala maphoyisa amabili zithathiwe zayohlolwa kanti esinye sazo besifana nenhlamvu yesibhamu esidubule sabulala uDaniels.
Umzala kaDaniels, uZuke Daniels, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kwasekuqaleni bebesola ngezimo eziholela ekushoneni kwakhe. Uthe baze batshela amaphoyisa ukuthi azishaye indiva izitatimende zamanye amaphoyisa.
“Sidinga izimpendulo futhi siyethemba ukuthi umsolwa uzositshela ukuthi umbulaleleni,” kusho uZuke.
UZuke uthe uDaniels ubenesonto elilodwa eshadile ngesikhathi ebulawa.
“Kubuhlungu ukuthi umkakhe uchithe isonto elilodwa naye ngaphambi kokuthi abulawe umuntu okungenzeka ukuthi ubemethemba,” kusho uZuke echaza umufi njengomuntu obehlonipha futhi ethanda wonke umuntu.
“Udlale indima enkulu emndenini wethu, futhi bekungafanele ukuthi ashone ngalendlela.”
UDaniels ungcwatshwe ngoMgqibelo odlule emzini wakhe esigodini sase-Dyamala e-Alice.
Umsolwa (31) uzovela enkantolo yeMantshi yase-New Brighton maduze.