Iphoyisa libophisa iphoyisa lomgwaqo elamhlawulisela ukungabophi ibhande ngecala lokubulala

Everson Luhanga

Umphenyi wase-Limpopo wehlile ngenxa yenkohlakalo ngemuva kokuzama ukufumbathisa iphoyisa lomgwaqo elalimmisa ngoba engalifakile ibhande.

Lokhu bekungekhona ukufumbathisa  okujwayelekile.

Iphoyisa elikhohlakele:

● Ugcobe iphoyisa lomgwaqo ngobubende inyama lingayidlanga ngophenyo lokubulala ngokungenhloso (ecaleni elalingahlangene nalo)

● Wabe esecela imali eyizi-R10,000 ukuze kuqedwe icala lokubulala

Umseshi uButifana Maholobela ulahlwe yicala yinkantolo yase-Limpopo ngoLwesihlanu.

Okhulumela oKlebe e-Limpopo uKaputeni uMatimba Maluleke uthe uphenyo olunzulu luveze ukuthi icala lokubulala ngokungenhloso alihlangene nephoyisa lomgwaqo.

“Kunobufakazi bokuthi leli phoyisa belisemsebenzini e-Tzaneen ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko e-Dobsonville, eGoli,” kusho uMaluleke.

Lolu daba lwabikwa kwithimba loKlebe eliphenya kakhulu ngenkohlakalo elenza uphenyo olunzulu olwaholela ekuboshweni kwabasolwa.

Icala elibhekene noMaholobela lihlehliselwe kumhla zizine kuNhlangulana ngowezu-2021 ukuze kukhishwe isigwebo.

UMaholobela uvele waxoshwa yi-SAPS ngenkohlakalo.

Umthombo wesithombe: Zululand Observer

Izihloko zakamuva