Iphoyisa lesifazane lesibili liyabandakanyeka ezinsolweni zokuzama ukuthola umshwalense ngomgunyathi

Everson Luhanga

Kulabo abangazange bayifunde indaba ebhalwe i-Scrolla.Africa ekhuluma ngosayitsheni uRosemary Ndlovu, nesigaba sakamuva secala lakhe – phambi kweNkantolo eNkulu yaseGoli ese-Palm Ridge – iyathusa.

UNdlovu, oyiphoyisa wabekwa amacala amaningi okuqasha inkabi ukuze ibulale umndeni wakhe khona ezothola imali yomshwalense. Cishe bangama-54 asebethule ubufakazi obumelene naye. Waboshwa ngemuva kophenyo olunzulu olwenziwa ozakwabo abalwa nobugebengu, abakwazi ukumqopha ekhuluma nenkabi eyiyala ukuba izowubulala kanjani umndeni wakhe.

Kodwa ngathi kusakhona okunye. 

Kukhona uzakwabo kaRosemary osebenza esiteshini samaphoyisa e-Norkem Park okusolwa ukuthi wamtshela iziyalo zokubulala umuntu uma efuna imali yomshwalense – wamazisa nokuthi angambulala kanjani umyeni wakhe ukuze athole umshwalense.

Saqala ukubhala mayelana nalolu daba ngowezi-2020. Lolu daba salubiza ngombulali wesibili ogebhele umshwalense – kanti uchungechunge lendaba yesithathu nayi, ngezansi kwalendaba, esiyibhalele labo okungenzeka ukuthi ibaphuthele le ndaba ekuqaleni.

Kubalulekile ukwazi ukuthi lezi zinsolo azikaze zihlolwe enkantolo.

Amacala abhekene nozakwabo kaRosemary uNomsa Mudau asahoxisiwe okwesikhashana kanti i-Scrolla.Afriica iyazi ukuthi leli cala lizobuya enkantolo ngelinye lamalanga.  

UMudau waboshwa ngesikhathi kwakumele ayobhabhadiswa esontweni lakhe futhi waboshwa ngesikhathi egqoke umfaniswano wakhe wesonto ngonyaka wezi-2018. Waphawula ngesikhathi sibhale udaba lwakhe futhi sibuyele ekuphawuleni kwakhe ngoLwesine. 

Lokhu kuphawula kukamyeni wakhe okusolwa ukuthi wazama ukumbulala, kubhaliwe ngezansi endabeni esake sayibhala ngaye yesithathu.

Izihloko zakamuva