Iphoyisa lase-Brits linethemba lokuwina kuma-Idols

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UThapeolo Molomo ongu-warrant officer emaphoyiseni e-SAPS umangaze abantu abaningi ngephimbo lakhe elinamandla kangangokuthi useze wafinyelela kowandulela owamanqamu kuma-Idols SA njengoba besele bebathathu.

Leli phoyisa elisebenzela esiteshini samaphoyisa e-Brits, e-North West, lingumculi womculo wokholo onethalente elimangalisayo.

Njengoba esezakhele udumo kubantu abaningi unethemba lokuthi angawunqoba lomqhudelwano oseqophelweni eliphezulu uma sekumenyezelwa ngomhlaka-13 kuLwezi.

Leli phoyisa lisiza amanye amaphoyisa ngokwelulekwa ngokwengqondo kanti lijoyine umbutho ngo-2018 futhi laqala njenge-intern laqashwa ngokugcwele nyakenye.

“Angilona iphoyisa eliphatha isibhamu lijahe izigebengu,” etshela i-Scrolla. Africa.

“Ngifunde i-psychology futhi ngingumeluleki oqeqeshiwe. Ngisiza amaphoyisa ngokwelulekwa kukho kokubili ukuhlukumezeka okwenzeka kumuntu kanye nasemsebenzini.

“Ukwelulekwa kuhamba kahle uma unomuzwa wothando nenhlonipho ngomuntu. Lezi izimfundiso engizithola kwiBhayibheli futhi lingisiza ngizuze ulwazi ngalokho engikwenzayo kwa-SAPS.

UMolomo wazalelwa esigodini sase-Diretsaneng kuMasipala wesifunda sase-Waterberg esifundazweni sase-Limpopo.

Ukhule efisa ukuba ngumculi wezokholo futhi nokungena kowamanqamu kuma-IdolsSA kusasiza ukufeza iphupho lakhe.

“Ngiyawuthanda umculo futhi kade ngifisa ukuba sembonini yezokungcebeleka.

“Selokhu ngaqala ukungenela lo mqhudelwano ngasekuqaleni konyaka ngibonile ukuthi abantu bayalithanda futhi bayalithokozela ithalente lami.

“Ihhovisi lamaphoyisa likazwelonke belingiseka kulolu hambo futhi abalandeli bami bomculo bebengilandela.”

Uthe waqala ngama-auditions ekuqaleni kukaMasingana. Uphinde wadlulela ohlwini labantu abangu-12 kalula ngaphambi kokumenyezelwa kwabathathu abahamba phambili ngoMfumfu.

Akakakhiphi i-albhamu egcwele yomculo wokholo, kodwa usekhiphe ingoma eshisa izikhotha ayiqambe ngokuthi, “Unithatile” ethandwa ngabantu abaningi.

“Kuyimpumelelo enkulu ukufinyelela kuleli zinga. Ngijabulile kakhulu futhi ngilindele noma yini ngomhlaka-13 kuLwezi.”

UMolomo ubonge ukwesekwa akuthola ikakhulukazi emsakazweni wendawo e-Tembisa (The Voice of Tembisa) olandele umsebenzi wakhe kusukela ekuqaleni.

“Abazali bami bahlala e-Tembisa mina ngihlala ePitoli ngisebenzela e-Brits, kanti ngazalelwa e-Limpopo. Nginabalandeli kuzo zonke lezi zindawo.”

Abantu abafuna ukweseka uThapelo Molomo kowamanqamu bangathumela imqhafazo ku-37400 bakhethe inombolo yesibili(2). Umqhafazo ubiza u-R12.

Izihloko zakamuva