lakhipha “izimali zomshwalense ezingama-28”
Ingxenye yesibili kwezisishiyagalolunye
Ngenkathi uSayitsheni Rosemary Ndlovu esesitokisini ngecala lokubulala amalungu omndeni ngenxa yemali yomshwalense, izinkampani zomshwalense zilindele ukumvulela amacala okukhwabanisa.
Imithombo yamaphoyisa ithi ubezokhipha imshwalense yezihlobo eziseduze ezingama-28.
URosemary uthweswe amacala amahlanu okubulala nayisishiyagalombili okuzama ukubulala noma ukwakha itulo lokubulala – lapho aqasha khona izinkabi ukuba zimenzele lo msebenzi.
Amaphepha asenkantolo athi uRosemary wakhokhelwa imali eyizigidi eziyi-R1.38 yomshwalense.
Iphepha libala udadewabo, umama nabazala bakhe njengabanye balabo okusolwa ukuthi bebezobulawelwa imali yomshwalense.
Kodwa kubukeka sengathi bekungaba khona amanye amalungu omndeni amaningi ayesengozini yokushona ngaphambi kwesikhathi sawo.
Amaphoyisa ahlangane nezinkampani zomshuwalense ezikhokhile, futhi kuyilapho-ke ababone khona ukuthi kungenzeka kube nemishwalense engama-28. Izinkampani zomshwalense ezimbalwa zilungiselela ukuvula amacala obugebengu.
Amaphoyisa angeke aphawule okwamanje ngenqubekela phambili yala macala okukhwabanisa, kodwa amaphepha eNkantolo eNkulu abala uhlu lofakazi abayi-104, kanti abanye bavela ezinkampanini zomshwalense.
Uma leli cala lifika eNkantolo eNkulu ngoMandulo, isinqumo esicacisayo asiyona into eqinisekisiwe. URosemary usolwa ngokuhlela ukubulala nokuthi athole abanye abantu ukuthi bakwenze. Umbuso nawo kufanele uxhumanise phakathi kwalabo abashonile nezinqubomgomo zomshwalense.
Umbuso uthi ngokushona kwabantu leli cala alinabufakazi obugcwele futhi lisuselwa kwizindlela zikaRosemary – “ukuthatha izinqubomgomo ezahlukene zomshwalense ukufaka ezinye zezihlobo zakhe kanjalo nobangozakwabo empilweni, bese ekhokha futhi aqashe izinkabi ukuba zibabulale labo abashiwo, noma azibulalele yena qobo ukuze azuze imali”.
Ngenkathi okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant-Colonel Lungelo Dlamini eqinisekisa uphenyo oluqhubekayo mayelana nokubulala, ukwakha uzungu lokubulala nokukhwabanisa, akazange aphawule ngenqubekela phambili yamacala okukhwabanisa.