Iphoyisa eliphinde libe umculi likhiphe i-albhamu

Moyahabo Mabeba

Ubengufakazi wamacala angamakhulu obugebengu enzeka esemsebenzini. Manje usecula ngobubi obuhlukanisa umphakathi.

Ukaputeni uDineo Sekgotodi uthe ube nomuzwa wokuthi enze i-albhamu yakhe yakamuva yomculo wokholo azoqhakambisa kuyo usizi lwezingane ezithunjiwe e-Limpopo.

UDineo, owazalelwa wakhulela e-Willows, e-Ga-Sekororo ngaphandle kwase-Tzaneen, ukhiphe i-Albhamu enezingoma eziyi-12 enesihloko esithi Lina Mandla le Ligama ngoNcwaba.

Eminyakeni emithathu eyedlule, wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala, ethi-Jesus I Want to be Like You, ekhuluma kakhulu ngokusetshenziswa kwezidakamizwa.

Uchaze ukulutheka ngezidakamizwa njengenye yezimbangela eziyinkinga emiphakathini yabaNsundu.

“Umculo uneqhaza elikhulu ekudluliseleni umyalezo. Ngikhethe umculo engizogqamisa ububi bokunukubezwa kwezingane, nokusebenzisa izidakamizwa kanye nokunxenxa izigebengu ukuthi ziphile impilo engcono,” kusho uDineo.

UDineo, okhulumela i-Directorate for Priority Crime Investigation eMpumalanga, uthe inhliziyo yakhe iba buhlungu njalo uma ethola umbiko ngokulahleka kwengane.

“Kuba buhlungu kakhulu uma begcina sebeshonile. Kuyadabukisa ukuthi bathathwa abantu okufanele ngabe bayabavikela.”

Ngaphandle kokuba yiphoyisa eliphezulu kanye nomculi wevangeli oseqophelweni eliphezulu, uDineo unguthisha womculo futhi ungumholi womoya ngaphakathi embuthweni wamaphoyisa. Uphinde abe ngumxhumanisi oqeqeshiwe wabafuna ukuzibulala kanye nokuthunjwa.

Njengoba ephuma kusizinda sobuKristu, u-Dineo usedlulele ezifundazweni eziningi ukuyofundisa, enikeza ukuqondiswa ngokomoya embuthweni wamaphoyisa.

“Impilo yami ayikaze iphelele ngaphandle komculo nenkolo. Le nhlanganisela iyangikhuthaza uma ngithandazela ukuphepha kwezingane kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa.”

Izihloko zakamuva