Iphoyisa elinenhliziyo ebuhlungu ngokubulawa kwabantu liyeke icala

Ingxenye yesithupha kweziyisishiyagalolunye

Iphoyisa elihola uphenyo ngoSayitsheni Rosemary Ndlovu liyeke leli cala ngoba limethuse kakhulu.

● Leli phoyisa, uConstable Bheki Zulu, utshele iNkantolo yeMantshi yase-Tembisa ukuthi uRosemary “uyingozi futhi ukhohlakele”.

● Uthe uzizwela kakhulu izisulu, okusolwa ukuthi zabulawa nguRosemary ukuze athole imali yomshwalense.

● “Angifuni ukuphinde ngimbone lo wesifazane,” kusho uZulu, ngenkathi uRosemary ehleli ngaphesheya kwakhe enkantolo.

UConstable Zulu ukhulumele phezulu futhi ngolaka, ekhomba ummeli kaRosemary ngomunwe, uGibson Ngobeni. “Ukube uyibonile imindeni yezisulu,” “ubungeke uphinde ummele uRosemary” esho kummeli.

UZulu wabe esethi ngaye: “Ngahlukumezeka kakhulu ngesimo samacala futhi ukubona abantu ayehlela ukubabulala kwangisinda kakhulu”.

URosemary, obegqoke ingubo yezimbali, wamamatheka ngenkathi elalele ubufakazi, kwesinye isikhathi elungisa izinwele zakhe ngezinzipho ezipholishwe ngombala oluhlaza okwesibhakabhaka. Ephepheni lwabazobulawa kwakukhona abantu ababalelwa kwabangama-20, abanye babo bekungamalungu omndeni kaRosemary.

UZulu ubeyingxenye yethimba lamaphoyisa abamba uRosemary kwitulo lakhe esibhale ngalo engxenyeni yesine neyesihlanu. Nguye owabopha uRosemary ngemuva kokuthi etshele amaphoyisa azifihlile ukuthi abulale udadewabo nezingane zikadadewabo.

UZulu uthe ubenenhliziyo ebuhlungu ngesikhathi exoxa nodadewabo kaRosemary uJoyce, okusolwa ukuthi uRosemary wayehlele ukumbulala – kanye nezingane zakhe ezinhlanu – e-Bushbuckridge, eMpumalanga. UZulu washaqeka kakhulu ngendlela uJoyce ayehlupheka ngayo – elwela ukuphila endlini encane yomxhaso.

UZulu utshele inkantolo ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, endlini kaRosemary, wabona kanjani omazisi bamanye amalungu omndeni behlelwe ndawonye namaphepha enqubomgomo yomngcwabo, kulokho okwakubukeka njengohlu lwamagama abantu abazobulawa.

“Ngavakashela imindeni eminingi futhi kwakubuhlungu kakhulu ukubona ubuhlungu obulethwe uRosemary kule mindeni ngenhloso yokuthola imali,” kusho uZulu.

“Ukuziphatha kwamaphoyisa kusho ukuthi uma unamathela ngokozwelo ecaleni oliphenyayo, kungcono ulidlulisele komunye umuntu kungenjalo ngeke ulinikeze ubulungiswa obulifanele icala”.

Ngakho-ke uZulu wadlulisela leli cala kozakwabo, uDetective Sergeant Keshi Mabunda, osengumphathi oholayo kulolu phenyo, wasiza ukuhlanganisa wonke amacala eNkantolo eNkulu.

Ngokwesitatimende esifungelwe esenziwa nguMseshi uMabunda, uRosemary wakhipha okungenani imshwalense emine kamama wakhe eyayenza imali eyizi-R95,000; eziyisikhombisa kadadewabo uJoyce seyiyonke okungenani yenza imali eyizi-R25,000 bese kuthi eminye emithathu kadadewabo, uNomsanto, ngemali engacacisiwe.

Izihloko zakamuva