Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UTlala Mokoena unconywa njengeqhawe ngemuva kokusiza ekugwebeni umdlwenguli waseKurhuleni uNkosinathi Phakathi, owahlukumeza abagilwa abangaphezu kuka-100 – okuhlanganisa namantombazane amancane angu-68 – kusukela ngo-2012 kuya ku-2020.
UWarrant Officer Mokoena usebenzela uphiko lwe-SAPS oluphenya ngodlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane kanye nophenyo ngocansi e-Gauteng futhi ugxile kakhulu ekuthungatheni omalagaju babadlwenguli.
UPhakathi ugwetshwe iminyaka engu-791 kanye nodilikajele abayisithupha ngomhlaka-4 kuMfumfu iNkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge. Wabanjwa mhlaka-17 kuNdasa, ngesikhathi ithimba likaMokoena ligasela emzini oseTwatwa.
“Ngathembisa abagilwa bakaNkosinathi ukuthi sizomthola futhi simvalele unomphela,” kusho uMokoena etshela i-Scrolla.Africa. “Lokhu ngikwenzele amantombazane amancane angu-68 aneminyaka eyisishiyagalolunye, (10), (12), (13) kanye nengu-14 ngesikhathi sezigameko zokudlwengulwa.”
Emsebenzini wakhe weminyaka engu-17, uMokoena usevalele ejele abadlwenguli abangu-27 belandelana.
Amanye amacala amakhulu aseke wawaxazulula kubalwa abadlwenguli abangabashayeli bamatekisi abayisithupha baseGoli nase-Soweto abagwetshwa odilikajele abangu-17 kanye neminyaka engu-800 ngo-2018-19.

“Bebethutha abagibeli, kuthi ogcinayo ukwehla bamphuce imali bese beyamdlwengula,” echaza.
UMokoena uwine Indondo Ye-Laurette Emklomelweni Kazwelonke Wokuhlonishwa Kwamaphoyisa e-SAPS ngo-2019 futhi useyithole kabili Indondo Ekhethekile kaKhomishana kaZwelonke.
Osesithombeni ngenhla: UWarrant Officer Tlala John Mokoena; kanye nomshushisi wombuso u-Advocate Salome Scheepers kanye namadokodo angu-96 avulelwa uNkosinathi Phakathi.
Umthombo: Sithunyelwe