Ingxenye yokuqala kwezisishiyagalombili
● Usayitsheni uRosemary Ndlovu ubesembuthweni wamaphoyisa iminyaka eyi-14. Manje ubhekene namacala ayi-13
Okubulala umndeni wakhe noma elokuqasha izinkabi ukuba zimenzele umsebenzi.
● Uphinde wabekwa izinsolo zokusungula itulo lokubulala umphathi wamaphoyisa onguzakwabo obephenya icala lakhe ngesikhathi esejele.
● Ngokusho kwamaphoyisa, ukubulala kwakhe ubezothola izigidi ezi-1,38 zamarandi.
● Ngemuva kokuhlala ejele laseGoli kusukela ngonyaka wezi-2018, usayitsheni uNdlovu useyiswe ejele lase-Tshwane iKgosi Mampuru II, ehanjiswa izimoto ezine zamaphoyisa.
Ngesikhathi elinde ukuqulwa kwecala, ujoyine u-Oscar Pistorious kanye nezinye iziboshwa ezinamacala.
Kuze kube imanje, uNdlovu usevele amahlandla amaningi enkantolo yase-Tembisa, lapho afake khona isicelo sebheyili – kodwa ubehluleka ngaso sonke isikhathi.
Icala lakhe layiswa enkantolo enkulu ngemuva kokuba umshushisi afake amanye amacala, kubalwa nelokusungula itulo lokubulala umphathi wakhe kanye nomseshi obephenya amanye amacala akhe. Wasula emsebenzini ngemuva kokuboshwa kwakhe.
Kusamele anikeze ubufakazi, futhi zonke izinsolo ezishiwo amaphoyisa ngalolu daba zizohlala ziyizinsolo kuze kube inkantolo ikhipha isinqumo esiwujuqu. UNdlovu uzwakale etshela omunye wezihlobo zakhe ngaphandle kwenkantolo ngenyanga edlule: “Abukho ubufakazi. Ngizobuya.”
Amalungu omndeni wakwaNdlovu asele ayameseka, banethemba lokuthi angeke atholakale enecala futhi bazomkhulula. Bayaliphika icala, baveze uNdlovu njengomuntu onenhliziyo enhle enothando osiza umndeni wakhe ngemali. Umfowabo uDirector Ndlovu usitshele ukuthi: “Ngiyazi ngezinsolo, kodwa kusayizinsolo nje kumele zihlolwe noma ziphenywe ziphinde zivezwe enkantolo.”
Ozakwabo akade esebenza nabo esiteshini samaphoyisa sase-Tembisa i-Rabasotho basitshele ukuthi ubengowesifazane ohloniphekile, esebenza ngendlela efanele. Kokunye, omunye wabaseshi ucishe wakhihla isililo waba nosizi ngesikhathi ethula ubufakazi ngaye, wathi useke wawabona amasango asesihogweni.