IPhini likaThishomkhulu lisolwa ngokudlwengula umfundi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

IPhini likaThishomkhulu elisolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-12 esikoleni sakhe lithole ibheyili ka-R5 000.

Inkantolo iyalele uthisha oneminyaka engu-63 ubudala ukuba abike emaphoyiseni nsuku zonke futhi aqhelelane nofakazi.

IPhini likaThishomkhulu esikoleni saseNorth West kusolwa ukuthi lidlwengule umfundi oneminyaka engu-12 esikoleni.

INkantolo yeMantshi yase-Brits inikeze uthisha oneminyaka engu-63 ubudala ibheyili ka-R5 000 ngoLwesihlanu.

Inkantolo ilalele ukuthi ngo-2024, wathatha intombazane encane wayiyisa ehlathini ngaseMajakaneng lapho ayidlwengula khona. Lento wayiqala ngo-2023 ngikuyuqabula nokuyithumelela izithombe enqunu.

Okhulumela i-NPA uLumka Mahanjana uthe umngani wentombazane ubone le miyalezo ocingweni lwayo watshela unina nothisha.

“Uthisha ucele abafundi ababili ukuthi beze nomakhalekhukhwini esikoleni ukuze bezobhekwa,” kusho uMahanjana.

“Umama womfundi ubikelwe esikoleni ngesigameko kwase kuvulelwa umsolwa icala ngomhlaka-23 kuLwezi ka-2024.”

IPhini likaThishomkhulu lizinikele emaphoyiseni ase-Brits ngomhlaka-25 kuLwezi.

Ummeli wakhe ucele ibheyili, wathi ushadile unezingane, akakaze abe senkingeni phambilini, udinga ukukhokha izindleko sakhe.

Kodwa umshushisi u-Octavia Pletschke ulwe nebheyili,waxwayiswa ukuthi ummangalelwa ukuthi angase abaleke uma ededelwa ngoba uzohlala ejele isikhathi eside uma etholakala enecala.

“Umsolwa ubevele eseqalile esabisa umgilwa, unina kanye nofakazi,” kusho uMahanjana.

IMantshi uRosenburg inikeze ibheyili enemibandela eqinile: ummangalelwa kufanele abike esiteshini samaphoyisa sase-Hartbeespoortdam nsuku zonke, akumele axhumane nofakazi, futhi kufanele anikeze i-passport.

Esithombeni esingenhla: Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseBrits.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva