IPhini likaSihlalo we-Operation Dudula wesule esikhundleni

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UDan Radebe oyiphini likaSihlalo kazwelonke we-Operation Dudula wesulile esikhundleni sakhe. Umemezele ukuthi uyashiya ngoLwesine ekuseni.

“Ngiyehla esikhundleni sokuba yiphini likasihlalo futhi ngiyasula ekubeni yilungu le-Operation Dudula ngenxa yezizathu zami engizaziyo,” usho kanje kwividiyo ayikhiphile.

URadebe obebonakala ukuthi akeneme unxuse abalandeli ukuthi bahlangane, baxhase futhi bakhulise inhlangano. 

“Angifuni inhlangano ihlakazeke ngegama lami.” Ube esebonga ozakwabo nawo wonke amalungu ngokumeseka.

UDan ufisele inhlangano okuhle. “Ngifisela wonke umuntu indlela enempumelelo eya phambili,” esho. 

I-Operation Dudula imemezele inhloso yayo yokungenela ukhetho lukazwelonke lwango-2024.

Ngomhlaka-24 kuNhlaba kulo nyaka, uNobhala Jikelele we-Operation Dudula kuzwelonke uZandile Dabula umenyezelwe njengosihlalo kazwelonke wale nhlangano engena esikhundleni sikaPeter Dembe.

“Ngomhlaka-24 kuNhlaba siyi-Operation Dudula saya kwisiShayamthetho saseGoli sathatha isinqumo sokuyisa lolu daba ePhalamende! Kodwa siyakuvuma ukuthi uZandi angaba ubuso be-Operation Dudula. Iyadumaza indlela okusingathwa ngayo izinto enhlanganweni i-NEC,” kufundeka isitatimende esiputshuziwe ku-Scrolla.Africa.

Ingxoxo eqoshiwe, abantu abambalwa abajabule neze ngokuba noDabula njengomholi wabo. Enye yalezi zinkulumo ithe bebengahlangene nokuqoka uDabula ukuthi abe ngumholi wale nhlangano.

“Wakhushulelwa esikhundleni ngabantu abambalwa.

“Ngimoshe iminyaka emibili ngeseka iDudula kodwa kubukeka sengathi inhlangano iphambana nekusasa nomongo wenhlangano,” esho.

I-Operation Dudula yaba sematheni ngo-2021 – 2022 njengenhlangano eyayilwela abantu baseNingizimu Afrika. 

Abantu abavela emazweni angaphandle babesatshiswa kuthiwa abaphume baphele ezweni.

Emizameni yokugasela nemibhikisho, kucekelwe phansi izitolo zabadayisi zashiswa. Izindawo ezingomakhelwane okukholakala ukuthi zihlalisa abantu abaningi abaphuma emazweni angaphandle bebehlaselwa, kanti kwasatshalaliswa izincwadi ezinikeza abahlali umnqamulajuqu wokuba bahambe.

Amalungu ale nhlangano abonakale eya ezibhedlela nasemitholampilo ehlonza iziguli asola ukuthi ziphuma emazweni angaphandle.

Izihloko zakamuva