Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
IPhini likaNgqongqoshe linikeza izaguga ezingu-100 ukudla nezingubo zokulala esikhundleni sokwenza umcimbi wosuku lokuzalwa.
Abahola impesheni abajabulile bathi lolu sizo luza ngesikhathi esifanele emuva kokuthi besebenzise imali bethenga izidingo zesikole zabazukulu.
IPhini likaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uTandi Mahambehlala uchithe usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesine enikeza izaguga izingubo zokulala e-Crossroads, eKapa.
Ukhethe ukusiza abantu abaswele kunokuzenzela idili.
“Minyaka yonke uma ngizalwa ngithatha isinqumo sokuthi ngingabi nomcimbi, kodwa ngenze umehluko emiphakathini, ngonyaka odlule ngigubhe nabaphumelele umatikuletsheni eKhayelitsha ngokunikezela ngama-laptop ngoba ngangazi ukuthi ngenye yezinto abazozisebenzisa enyuvesi,” kusho uMahambehlala.
Nakuba babehlelele abantu abangu-50, kufike izakhamuzi esezikhulile eziyikhulu. IPhini likaNgqongqoshe lenze isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uthola okuthile.
“Asikwazanga ukubaxosha sebefikile, besingafuni ukubaphula izinhliziyo,” kusho uMahambehlala.
Wabela abahola impesheni ikhekhe lokuzalwa. “Silapho esikhona ngenxa yabo, laba bantu basithandazela kakhulu,” kusho yena.
Usizo lolu lufike ngesikhathi esifanele kwabaningi asebekhulile abasebenzisa imali yabo ekufundiseni abazukulu babo.
“UMasingana ngenye yezinyanga ezinzima onyakeni njengoba siphuma kumaholidi kaKhisimusi sishodelwa yimali, amaphasela okudla azodlala indima enkulu njengoba singenayo imali,” kusho uNomasonto Mntuyedwa.

UMthetheleli Nontwana umangale ngalesi senzo. “Banendaba nathi uma befuna okuthile, iPhini likaNgqongqoshe likuguqule konke lokho siyobonga kakhulu, sisebenzise yonke imali yethu sithengela abazukulu bethu imifaniswano yesikole nezinto zokubhala,” kusho uNontwana.
Esithombeni esingenhla: Isekela likaNgqongqoshe ligubhe usuku lwakhe lokuzalwa nezaguga e-Crossroads, eKapa.
Umthombo: Sithunyelwe