Menzi Magubane
Iphini likaMengameli we-South African Football Association (Safa) uRia Ledwaba ubhekise amabombo enkantolo ngemizamo yokuyovimba ukhetho lukaMengameli se-Safa.
ULedwaba ukhulume nabezindaba ngoLwesithathu ekuseni enkundleni yezemidlalo i-FNB, ngemuva nje kosuku eye enkantolo eyocela ukuthi ikhiphe isinqumo esiphuthumayo sokuthi kumiswe ukhetho lwe-Safa lwangomhlaka-25 kuNhlangulana.
“Angisoze ngahlukunyezwa muntu. Ngeke ngikhonze muntu. Mina ngikhonza umbhalo obizwa ngemithetho ye-South African Football Association,” kusho uLedwaba.
“Njalo uma ukhuluma kumele usitshele ukuthi yimiphi imithetho ekutshela ukuthi wenze njalo. Uma ngithumela isekhula kumele iholwe imithetho.”
Ezinsukwini ezimbili ezedlule uLedwaba, uDanny Jordaan kanye noSolly Mohlabeng bamenyezelwe yi-Safa njengokugunyazwe yikomiti elibusayo ukuthi bangenele isikhundla sobuMengameli wesigungu esilawulayo.
Kodwa-ke ikhempu kaLedwaba, ichaze ukuthi kungani ephuthume enkantolo eyochaza ukuthi kunezingqinamba eziningi ezingahambisani nomthethosisekelo mayelana nokhetho.
Ikhempu ithe ezinye izinguquko zomthethosisekelo ezenziwe engqungqutheleni ejwayelekile yangomhlaka-26 kuNdasa bezihloselwe ukukhipha uJordaan njengoMengameli.
Ngenyanga edlule uLedwaba nekhempu yakhe bafake isikhalo mayelana nezinguquko zomthethosisekelo kodwa sichithwe i-Court of Arbitration for Sport (CAS).
Ngaphambi kokuthi aye kwi-CAS uqale waya kwi-CAF nakwi-Fifa nabo abamchithile. NgoLwesibili uthathe isinyathelo sokuya enkantolo ukuze kumiswe ukhetho.
Kodwa-ke i-Safa isheshe yaphendula obekufunwa uLedwaba nekhempu yakhe.
Isikhulu se-Safa, uTebogo Motlanthe, sithumelele isigungu esiphezulu kuzwelonke incwadi esazisa ngamaphepha asenkantolo awatholile.
“Sicela ukunazisa ukuthi iPhini likaMengameli le-Safa, uNksz Ria Ledwaba, usefake udaba enkantolo ukuze kumiswe ukhetho lwe-Safa obeluhlelelwe ukuba ngomhlaka-25 kuNhlangulana,” kusho incwadi.
“Udaba luphakathi kukaNkk Ledwaba, i-Safa, nawo wonke amalungu ekomiti elibusayo kanye nosihlalo wekomiti lokuziphatha, uJustice Sisi Khampepe. Lolu daba lufakwe egameni likaLedwaba ne-Safa. I-Safa isifake isicelo esiphikisa lolu daba.”
Umthombo wesithombe: @Goal