Iphini likaMengameli waseTanzania lifuna ukuvuselela ubuZulu balo ngokuzokotha Isilo uMisuzulu kaZwelithini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Iphini likaMengameli waseTanzania lifisa ukuzokhonza eSilweni uMisuzulu kaZwelithini ukuze livuselele imvelaphi yalo yobuZulu eyalahleka mhla oKhokho balo bebalekela uShaka kaSenzangakhona kuleli.

Lokhu kuvele engxoxweni uDkt Emmanuel Nchimbi abenayo neNdodana yeNkosi uThathezakhe Ngobese waseNquthu emkhosini wokukhumbula abeNgoni ababulawa amaJalimane empini enkulu ebizwa ngeMaji Maji phakathi kongaka ka-1905 kuya ku-1907 kanti kwashona abantu ababalelwa ku-300.

UMntwana uWandile kaThathezakhe Ngobese ube nalengxoxo nephini likaMengameli uNchimbi kulo mkhosi nobusesiFundeni iRuvuma esiFundazweni iSongea khona eTanzania.

“Kule ngxoxo yethu iphini likaMengameli ngilithathe ngalibeka ngomlando kaZulu nangempi yaseSandlwane eyayiholwa ukhokho wami uMehlokaZulu kaSihayo. Lihlabeke umxhwele laze langitshela ukuthi empeleni nalo linguMzulu kodwa okhokho balo babaleka kwelikaMthaniya bakhuphukela eTanzania ngoba besaba uShaka kaSenzangakhona kodwa noma kunjalo kuyisifiso salo ukuba lizokotha iNgonyama yamaZulu ukuze lihloniphe okhokho balo abasala kwaZulu,,” usho kanje.

UMntwana uWandile uchithe izinyanga ezimbili eTanzania ngokumenywa iNkosi uMgadlela Gama ukuba ingxenye yemikhosi yabeNgoni ebiqhubeka kuleliyazwe kusuka ngenyanga kaNhlolanja.

Kumanje ulunguselela uhambo olubheke eZimbabwe emcimbini weziNdondo ozohanjelwa iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini nabantwana baseNdlunkulu namakhosi oSelwa.

UMntwana uWandile waqokwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini ukuhola ibutho eliselincane elibizwa ngokutho oSilwanetshe.

Izihloko zakamuva