IPhini leMeya yase-Jerusalem libonga uMiss South Africa ngobuqhawe bakhe

Dylan Bettencourt

IPhini leMeya yase-Jerusalem uFleur Hassan-Nahoum uncome uMiss South Africa uLalela Mswane ngokuba nesibindi sokuhambela umncintiswano ka-Miss Universe.

Lo mcimbi waminyaka yonke wonobuhle uke waba nempikiswano njengoba sekumenyezelwe ukuthi umcimbi wama-70 uzoba e-Israel, okuyizwe elisaqhubeka nokudla izindawo zase-Palestine futhi elisolwa ngokwenza ubugebengu kubantu base-Palestine.

“Ngibonga unobuhle waseNingizimu Afrika ongenele u-#MissUniverse uLalela Mswane ngokukhuluma iqiniso ngamandla hhayi nje ngokuba muhle kuphela, kodwa intokazi enesibindi,” kusho uFleur kuTwitter.

IPhini leMeya libhekelela zonke izindaba zamazwe angaphandle, ukuthuthukiswa komnotho wamazwe ngamazwe kanye nezindaba zezokuvakasha.

I-Tweet kaFleur ithole ukugxekwa okukhulu njengoba abaningi eNingizimu Afrika bethi uMswane akawudube lo mqhudelwano.

“Kulokhu kungena imiyalezo eminingi enenzondo yaseNingizimu Afrika kusukela ngoMiss Universe. Engingacabanga ngakho amaqembu abantu afika e-Israel evela eNingizimu Afrika alindele ukubona ubandlululo bese ayadideka kakhulu uma bengakuboni lokho ngoba bangahlangabezana nokucwaswa ngokwebala izwe lase-Palestine. ,” kuphendula iMeya yaseJerusalema ku-Twitter.

UMiss South Africa unxuswe ukuthi awudube lo mqhudelwano ngezizathu zezepolitiki kanye neze-Covid-19 njengoba usongo lokwehluka kwe-Omicron luphazamisa ukuhamba nokuphuma ngaphandle kwezwe.

UMswane uthole imvume yokuya e-Israel emqhudelwaneni okumele ube ngeSonto.

“Ngizwakalisa ukubonga okukhulu ngothando olukhulu engilutholile kuleli sonto,” kubhala uMiss SA ku-Instagram.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuhoxisile ukweseka uMswane ngenyanga edlule wengeza ngokuthi ngeke amele iNingizimu Afrika, kodwa uzomela inhlangano kaMiss SA.

“Ngokuhoxa, isithunzi sikaMiss South Africa kanye nokumiswa kwayo kuzothuthuka kakhulu eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe uma kuqhathaniswa nomqhudelwano ovele kanye nje ongaba nengozi kwikusasa lakhe nasekumeni kwakhe emphakathini njengomuntu wesifazane osemusha omnyama,” kusho uNgqongqoshe Wezamasiko uNathi Mthethwa.

Umthombo wesithombe: @IOL

Izihloko zakamuva