Celani Sikhakhane
UNtsikelelo Ndlovu ulindele usuku lokuqondiswa kwezigwegwe kwiqembu le-ANC, kodwa ufuna ukuzimela kuhlu oluzophuma lohulumeni bendawo – amelane neqembu lakhe le-ANC.
UNdlovu, iphini lemeya kumasipala waseMadlangeni e-Newcastle, wamiswa ngonyaka odlule ngemuva kokuba avotele elinye iqembu ukuze akhiphe uzakwabo, imeya uLindile Mhlungu. UMhlungu wabekwa izinsolo zokweba izigidi ezi-2 zamarandi imali okwakumele yakhe inxanxathela yezitolo e-Utrecht.
Ukuhlamuka kwakhe kucasule iqembu, lobuholi be-ANC KwaZulu-Natali obathatha isinqumo sokumisa uNdlovu ngokucekela phansi isithunzi seqembu le-ANC.
UNdlovu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usayilungu leqembu le-ANC futhi ulindele usuku lwakhe lokuqondiswa kwezigwegwe ukuze achaze isayidi lakhe lendaba.
Uthe akazisoli ngokuvotela elinye iqembu ngoba efuna ukukhipha uMhlungu futhi njengoba ekholelwa ukuthi umsebenzi weqembu ukulwa nenkohlakalo.
“Ngaqokwa umphakathi wangakithi ukuba ngizimele ngabe sengivuma. Kodwa lokhu akusho ukuthi angiselona ilungu leqembu le-ANC kusho uNdlovu.
Uthe umbiko owakhishwa abaka-forensic ngenkohlakalo eyenzeka kwinxanxathela yezitolo okwakumele yakhiwe, uveza ukuthi uMhlungu akakaze akubone ukukhanya kosuku. Uthe iqembu alifuni lolu daba lithulwe kumkhandlu.
UNdlovu usayikhansela lewadi 2 kwi-ANC.
Okhulumela iqembu le-ANC uNhlakanipho Ntombela watshela abezindaba ngonyaka odlule ukuthi uNdlovu umisiwe ngenxa yokweqa umthetho weqembu.
Unobhala wesifunda saseMalahleni weqembu le-ANC, uChris Mhlophe uthe bayazi ngokuzimela kukaNdlovu, kodwa balindele uNgqongqoshe akhiphe uhlu lwamagama ukuze sibe nesiqiniseko ukuthi ukhona ngempela yini kwabazimele.
“Uma ngabe sithola ukuthi ukhona kuhlu lwamagama, iqembu le-ANC lizothatha isinqumo esimelena naye” kusho uMhlophe.