Tendai Chuma
UNelson Chamisa ubuyise isikhundla sakhe sokumela iqembu lase-Zimbabwe eliphikisayo okhethweni lwangoMgqibelo.
Lokhu kulandela ngemuva kokuthi iqembu lakhe elisha le-Citizens Coalition for Change (CCC) linqobe ngokumangalisayo endaweni okugcwele khona amaqembu aphikisayo.
Kodwa iqembu elibusayo – elisolwa ngokuwisa umnotho weminyaka eyishumi – aligcinanga nje ngokugcina ukubusa kwalo ezindaweni zasemakhaya kodwa lithathe izihlalo ezimbili ezintsha emaqenjini aphikisayo.
Njengoba kusele izihlalo ezingu-28 ePhalamende kanye namawadi omkhandlu angu-120, i-CCC enezinyanga ezimbili isilungiwe, ihlomule kwi-MDC Alliance yathola izihlalo ezingu-19, zonke zisuka esandleni seqembu eliphikisayo ebeliholwa nguChamisa ngonyaka wokhetho lukazwelonke ngo-2018.
Ngakolunye uhlangothi i-Zanu-PF ithole izihlalo eziyisishiyagalolunye kuphela kodwa ezimbili zazo kube izihlalo eziphuma emaqenjini aphikisayo.
UDouglas Mwonzora, ungowesilisa owathatha iqembu elidumile le-MDC Alliance kuChamisa, kwaba isinyathelo abacubunguli abasithatha njengokukhokhelwa iqembu elibusayo ukuze kudicilelwe phansi iqembu liphinde lihlakazwe, kodwa wahlazeka kabuhlungu ngoba iqembu lakhe alizange lizuze ngisho isihlalo esisodwa.
I-CCC iphinde yakhula kakhulu okhethweni lwamakhansela, yathatha amawadi angu-77 kwangu-120.
Imiphumela iveza ukuthi iqembu le-Zanu PF selithole ezinye izihlalo ezimbili ePhalamende njengoba sebephethe ezingu-147 kwezingu-210, kanti i-CCC entsha yona inezihlalo ezingu-19, kodwa i-MDC Alliance kuseyiqembu eliphikisayo ePhalamende elisemthethweni njengoba linezihlalo ezingu-42.
Iqembu elibusayo ngaphansi kukaMengameli u-Emmerson Mnangagwa lizama ukubuyisa isithunzi sikaChamisa, owahlukumezeka ngesikhathi kuhlulwa iqembu le-MDC-Alliance Lolu khetho luthathwa njengokhetho lukazwelonke langonyaka ka-2023.
Bavezele amaqembu womabili izinkinga abasazobhekana nazo phambili.
Waphinde wakhombisa ukuthi izindawo zasemakhaya zihlala ziyisizinda seqembu elibusayo.
I-Zanu-PF iqiniswe ngokulawula izikhungo zombuso ezifana nekhomishini yokhetho, amaphoyisa kanye nemithombo yezindaba zombuso.
Ngakolunye uhlangothi, uChamisa ukhombise amandla emadolobheni, i-Zanu-PF iphinde yakhombisa ukuthi inamandla okugasela emadolobheni njengoba ibonakale ngokuthola kwayo i-Suburb yase-Epworth, okuyisizinda samaqembu aphikisayo.
Emhlanganweni wabezindaba ngoMsombuluko, uChamisa ujabulele ukunqoba kweqembu lakhe elisha kodwa ugcizelele ukuthi kumele kube nezinguquko ezinkulu ngonyaka ka-2023 njengoba i-Zanu-PF iqhubeka isebenzisa ubuxhwanguxhwangu kanye nokuchukuluza iziphathamandla zikahulumeni kanye neziphathimandla zamaqembu omdabu.
Ngokungafani neminyaka edlule, zazimbalwa izigameko zodlame ngesikhathi kulungiselelwa ukhetho, kodwa amavoti ayengahambisani ngokwethembeka njengoba inkundla yayisamelene namaqembu aphikisayo.
“Asizange sibe nezihlalo, siyiqembu elisha besingenalutho. Ukube akuhambi ngentando yeqembu elibusayo ezindaweni zasemakhaya ngabe sithole izihlalo ezifika ku-26,” kusho uChamisa.
Izigaba ezimqoka emaqenjini aphikisayo bazisebenzisela uhlelo lokhetho ukuze zilawule abavoti ngendlela engekho emthethweni, nokushintsha abaholi bomdabu phezu kwezakhamuzi, udlame olwenziwa i-Zanu PF, ukwethulwa kwemibiko kahulumeni ngokuchema kanye nokuvalwa kweminye yemihlangano kaChamisa ngamaphoyisa.
I-CCC izoqhubeka ibuyele ePhalamende nomholi owayephethe izintambo kwezezimali uMnu uTendai Biti, othe ngemuva kokuqinisekiswa ukuthi nguye onqobile wafunga ukuveza osomabhizinisi abanjengoKuda Tagwirei noBilly Rautenbach ngeqhaza labo abalibambile ekukhuleni kwenkohlakalo e-Zimbabwe.
“Simelene nenkohlakalo, futhi siza kuweTagwirei, size kuBilly Rautenbach, onogada bomhlaba, nosomabhizinisi abazimele siyeza,” echaza kwi-Newsday.