Dylan Bettencourt
Ukuthunyelwa kwendiza efike yahlasela inkanji yamasosha ase-Ukraine edolobheni i-Lviv, engamakhilomitha angu-35 ukusuka emngceleni wase-Poland, kubikwa ukuthi kubulale abantu abayisishiyagalolunye kwashiya abanye abangu-57 belimele.
Njengoba amasosha ase-Russia ebheke ezindaweni ezisentshonalanga ne-Ukraine, lokhu kuhlasela okushiye abantu belimele kakhulu ikhona okushaye kakhulu kusukela baqala ukuhlaselwa ngomhlaka-24 kuNhlolanja.
Amasosha ase-Russia adubule ngemicibisholo ekhafula umlilo engaphezu kuka-30 esikhungweni samasosha ase-Yavoriv, kusho umbusi walesi sifunda uMaksim Kozytskyi.
Izindiza zempi zisuke e-Saratov, e-Russia.
Indawo ehlaselwe ivamise ukuba nabantu abavela eMelika kanye nenhlangano i-North Atlantic Treaty Organisation (Nato) – okuyindawo ye-international Peacemaking and Security Center. Iphinde isetshenziselwe ukuqeqesha amasosha ase-Ukraine futhi isingathe ne-Nato.
Omele uMnyango uthe akucaci ukuthi ngabe bakhona yini abafundisi abakade bekulesi sikhungo ngesikhathi kuhlaselwa.
“I-Russia ihlasele indawo ebizwa nge-International Center for Peacekeeping & Security ngase-Lviv.
Abafundisi bakwamanye amazwe basebenza lapha. Imininingwane ngezisulu izocaciswa,” kusho uNgqogqoshe wezokuVikela e-Ukraine u-Oleksii Reznikov etshela abe-Reuters.
Imibiko iphakamisa ukuthi abantu base-Ukraine abangu-13,000 babaleke ezweni baphuma ngomngcele wase-Slovenia bangena e-Italy.
UReznikov ubize ukuhlasela ngemicibisholo ekhafula umlilo yase-Russia ngokuthi ukuhlasela kwamaphekula futhi wanxusa ukuthi kuvalwe indawo yezindiza esifundazweni.
“Lokhu ukuhlasela okusha kwamaphekula ehlasela indawo ye-Peace and security center eduze nomngcele we-EU-NATO.
Kumele Kuthathwe isinyathelo sokumisa lokhu.” ebhale ku-Twitter.
Umthombo wesithombe: @NewYorkTimes