Iphendulwe uteku ividiyo yokuthunjwa 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Emahoreni angu-24 ngemuva kokuvela kwevidiyo yowesilisa osolwa ngokuthumba eGoli kube sekuqala umkhankaso omkhulu wamaphoyisa ukuze kutholwe umkhondo wabasolwa.

Kodwa bekukuningi  obekushaya amanzi kule vidiyo  njengoba konke lokhu kuphethe ngokuthi umsolwa axhawule isisulu!

Ividiyo eqoshwe ngekhamera yezokuphepha ngoMgqibelo isabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana kanti ibikhombisa obekhishwa ngoshova emotweni yakhe iqulu labesilisa.

Umholi we-ActionSA, uHerman Mashaba ungenelele wayalela uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi waseGoli uDavid Tembe ukuthi alandelele abasolwa bese bebhekana nengalo yomthetho.

NgeSonto umsolwa kanye nalowo okusolwa ukuthi uthunjiwe bese betholakele ukuthi bakuphi, kodwa alikho icala elivuliwe futhi babonakala bemamatheka bexhawulana.

I-Scrolla.Africa ixhumane noNgqongqoshe uTembe ochaze ukuthi kwenzekeni futhi akukhona lokho abantu abebekucabanga!

“Amaphoyisa akwazile ukulandelela isisulu esingumshayeli we-Bolt ngokusebenzisa izinombolo ezisemotweni yakhe,” esho, ebhekise kulowo osolwa ngokuthumba okhishwe emotweni yakhe njengesisulu.

“Amaphoyisa aqhubekele lapho kuhlala khona lo wesilisa e-Cosmo City okuyilapho isisulu sitholakale khona. Sibe sesikwazi ukulandelela omunye wabasolwa sisebenzisa uhlelo lwe-Bolt njengoba ebecele ukugitsheliswa.”

UNgqongqoshe uTembe uthe amaphoyisa abe esedlulela enkabeni yedolobha laseGoli ngemuva kokuthola omunye wabasolwa abakhiphe isisulu emotweni.

“Isisulu sichazele amaphoyisa ukuthi bekungekhona ukudunwa kwemoto.”

Ube esechaza ukuthi umsolwa omkhiphe emotweni yakhe empeleni bekuyikhasimende lakhe. Ubeqashe imoto yami ukuze ngilande umkakhe nezingane ezintathu.

Kodwa-ke, kuthe izingane ezimbili zingena emotweni “umshayeli waqaphela ukuthi abashayeli bama-Metered Taxi bebeza ukuzomhlasela.”

“Ngenxa yokusabela impilo yakhe wabaleka nezingane ezimbili, washiya uyise, umama nengane eyodwa,” kuchaza uTembe.

“Ubaba ube eseqala ukugijima elandela imoto eqa amarobhothi abomvu. Ubone ukuthi akasakwazi ukuqhubeka nemoto wabe esemisa i-Gold Toyota Corolla ebinabantu abane wabe esecela ukuthi bamsize ngokujaha imoto,” kuchaza uTembe.

Uqhube wathi umshayeli obebaleka utholakele, kodwa wathi izingane uzehlise emarobhothini aqhele kancane kunendawo yesigameko.

Abagibeli abebehamba nge-Gold Toyota abasize ukumisa umshayeli obebaleka kuvele ukuthi bangamalungu enkampani yonogada bendawo.

Umshayeli we-Bolt uhlangane noyise wezingane ngeSonto kanti bobabili bakwazile ukumamatheka ngalesi sigameko. Laba besilisa abafunanga ukuvulelana icala.

Isithombe esingenhla: Isisulu kanye nalowo osolwa ngokuthumba bexhawulana futhi bemamatheka

Umthombo wesithombe: Johannesburg Public Safety

Izihloko zakamuva