Iphenduke umgubho inkonzo yesikhumbuzo somculi

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Ngesikhathi umndeni wakhe wehluleka ukubamba izinyembezi abalandeli bomculi we-Bacardi ongasekho uVusi Ma R5 bebegubha.

Lo mculi udutshulwe wabulawa ngaphandle kwendawo yokucima ukoma ngemuva kokucula e-Magnets e-Extension 17 e-Soshanguve ngoMsombuluko.

Inkonzo yesikhumbuzo ibibanjelwe elokishini lakwaMa R5 e-Mabopane iqale kumuncu ngesikhathi izihlobo zikhumbula lo mculi wengoma ethi-“Chomi ke Chenchitse”.

Kodwa ngesikhathi abaculi nabadansi abesebenze nabo bengena esiteji kuye kwashintsha isimo.

Le nkonzo yesikhumbuzo ibihanjelwe izikhulu zikaMasipala wase-Tshwane kanye noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko eGoli uMorakane Mosupye.

Ukushona kukaMa R5 kwethuse abantu abaningi embonini yomculo we-Bacardi.

Esikhumbuzweni umamncane wakhe u-Esther Mnisi uncenge umsolwa ukuthi ayeke ukubulala.

“Uma unohlu futhi kusekhona abantu abangenacala kulo ngicela uyeke. Sekwanele, uwuhlukumezile lo mndeni. Sicela ungafaki omunye umndeni kulokhu esibhekene nakho,” esho.

UMnisi uthe lo mculi waqala ukucula ezitokofeleni wagcina ecula ethaveni yakhe.

“Wayedansela abaxhasi futhi njalo uma ngimkhuza abaxhasi babevuka ngolaka. Ngayeka ukuya ezitokofeleni ngamvumela ukuthi aye yedwa. Kodwa-ke, wakhula wangabe esakwazi ukucula endaweni yami yokucima ukoma ngoba ngangingakwazi ukusingatha bonke abalandeli bakhe,” esho.

Umngani kaMa R5, u-Enny Man the Guitar uthe ubengakaze acabange ukuthi bengalahlekelwa uVusi.

“NgoLwesithathu olwedlule besisesitudiyo siqopha izingoma. Ubenezinhlelo eziningi futhi siye sancokola sathi udinga ukukhula ukuze afeze zonke izinhlelo zakhe, engazi ukuthi usenesikhathi esincane,” esho.

Uthe yize yena nabaculi asebenza nabo besaba bazoqhubeka nokuhlonipha uMa R5 ngokujabulisa abalandeli babo.

“Bayazama ukusivimba ukuthi sikwenze lokho kodwa ngeke sithuke, ngeke baphumelele,” esho.

Ngemuva kwenkonzo yesikhumbuzo abebezokhala bathuthele e-Soshanguve Shisanyama beyokwenza i-after party.

UMa R5 uzofihlwa ngeSonto e-Bokenhout e-Mabopane.

Esithombeni esingenhla: Udadewabo kaMa R5 

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva